Bafana BafanaEzintsha

ISafa nezinhlelo zokuvala esikaHugo Broos kwiBafana Bafana

Umkhankaso wokuthungatha umqeqeshi ozongena ezicathulweni zikaHugo Broos kwiBafana Bafana uzoqala maduze, ngokusho kweSouth African Football Association (Safa).

Usihlalo wekomiti elengamele ezokuqeqesha kwiSafa, uJack Maluleke, uveze ukuthi inkontileka kaBroos iyaphela ngemuva kweNdebe yoMhlaba. 

“Okwamanje siyazi ukuthi sibheke kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uMaluleke kwiSABC Sport.

“Futhi ngokwesivumelwano nomqeqeshi lokhu kuzoba wumsebenzi wakhe wokugcina.

“Njengekomiti lezokuqeqesha silapha ukuze sinazise ukuthi inqubo yokuqasha omunye umqeqeshi izoqala maduze.”

UHugo Broos uzoshiya ngemuva ifa elimangalisayo ngemuva kokujika iBafana Bafana ibe ngelinye lamaqembu esizwe enza kahle e-Afrika.

Ngaphansi kwalo mqeqeshi waseBelgium, iNingizimu Afrika ithole indondo yethusi kwi-Afcon ka-2023 e-Ivory Coast.

Iphinde yakwazi ukungena ngqo kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa eminyakeni engu-24.

UMaluleke ugcizelele ukuthi noma ngubani ozothatha izintambo kumele akwazi ukuqhuba lelo fa. 

Uveze nokuthi kwayena uHugo Broos usangabuya kwiBafana Bafanauma kuwukuthi uyawujika umqondo ngokuthatha umhlalaphansi.

“Uma uHugo Broos enentshisekelo yokuqhubeka, ngicabanga ukuthi uzophinde enze isethulo asho ukuthi usangaqhubeka,” kwengeza uMaluleke.

UBroos uke waveza ukweseka kwakhe iphini lakhe uHelman Mkhalele njengoyena ongaqhubeka kahle nalo msebenzi emva kwakhe. 

Wathi uMkhalele uwazi kahle umsebenzi abawenzayo nokuthi ubhekephi kunanoma ngubani ozoqhamuka ngaphandle.

Lowo mqeqeshi omusha uzobhekana nengcindezi zisuka nje njengoba imidlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2027 izoqala ngemuva nje kweNdebe yoMhlaba.