
Aqhathwe wodwa awaKwaZulu, iPirates yaphinde yanenhlanhla
I-Orlando Pirates iphinde yathola iqembu lesigaba esiphansi kwiNedbank Cup njengoba iqhathwe neCasric Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Imidlalo yomzuliswano wesibili kulo mqhudelwano aqhathwe ngoLwesithathu ebusuku.
Emzuliswaneni wokuqala, i-Orlando Pirates ishaye iqembu le-ABC Motsepe League iTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Zivele zanqwamana zisuka ezaKwaZulu ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup.
Ibhola lokuqala eliphumile kube ngeleMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship la iqhwakele khona.
Lokhu kusho ukuthi izoba sekhaya ibhekene nomkhaya baKwaZulu Umkhambathi FC edlala kwi-ABC Motsepe League.
IGolden Arrows yona iphinde yaqhathwa kabi njengoba ithole iqembu leBetway Premiership iStellenbosch FC ebhulise amazolo ompetha iKaizer Chiefs emzuliswaneni wokuqala.
Kuphinde kwaba nomunye umdlalo womkhaya baKwaZulu njengoba iRichards Bay iqhathwe naMaZulu.
Ime kanje isiyonke imidlalo yomzuliswano wesibili kulo mqhudelwano:
- Milford FC v Mkhambathi FC
- Golden Arrows v Stellenbosch FC
- University of Pretoria v Sekhukhune United
- Jacksa Spears v Vasco Da Gama
- TS Galaxy v Mamelodi Sundowns
- Upington City v Durban City
- Richards Bay v AmaZulu FC
- Orlando Pirates v Casric Stars
FUNDA NALA | Ibhodla umlilo imenenja kaMbokazi ngoBroos
Le midlalo izodlalwa ngempelasonto kaFebhuwari 21 kanti eminye imininingwane isazomenyezelwa yiPSL.
