EzintshaKaizer Chiefs

Ushintsho esiswini kwiKaizer Chiefs koweSekhukhune

IKaizer Chiefs izobhekana neSekhukhune United emdlalweni obalulekile weBetway Premiership ngeSonto kusihlwa.

Iya kulo mdlalo  yazi ukuthi amaphuzu amathathu abalulekile ukuqinisekisa indawo yayo kwiCaf Confederation Cup.

Njengamanje Amakhosi ahlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-48 ngemuva kwemidlalo engu-27.

ISekhukhune iyixine eduze njengoba isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-42 kanti nayo ilwela ukunyuka.

Lokho kusho ukuthi umdlalo wangeSonto ePeter Mokaba Stadium ungobaluleke kakhulu kuwo womabili amaqembu.

IKaizer Chiefs yenze izinguquko esiswini kulo mdlalo. Isihlabani esisesincane uMduduzi Shabalala akekho njengoba elimele.

Umdlali wasesiswini uLebohang Maboe ulimele, kanti uSiphesihle Ndlovu yena umisiwe.

Ngenxa yalokhu abaqeqeshi uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze baphoqeleke ukuthi benze izinguquko.

Baqale ngoGaston Sirino, uNkosingiphile Ngcobo noSibongiseni Mthethwa esiswini.

ISekhukhune ibophele kanje: Nsabata – Tshibwabwa, Letlapa, Cardoso, Mkhize –  Mashiloane, Khiba, Mandi – Nku, Mokoena, Ndlovu.

Ebhentshini: Leaner, Tlaka, Coetzee, Phiri, Monare, Mojela, Makgalwa, Diomande, Mokgalaka.

IChiefs ibophele kanje: Petersen – Cross, McCarthy, Msimango, Monyane – Mthethwa, Ngcobo, Mmodi – Sirino, Lilepo, Da Silva.

Ebhentshini: Bvuma, Miguel, Frosler, Cele, Chislett, Velebayi, Vilakazi, Baartman, Morris.