
UNasreddine Nabi nezinguquko ezine koweMagesi
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, wenze izinguquko ezimbalwa eqenjini lakhe njengoba libheke ukuvuka lizithathe, liqhubekele phambili.
Amakhosi kaNasreddine Nabi azokwamukela iMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku ngoLwesibili.
Leli qembu likaNabi libuya emiphumeleni emibili emibi kwiligi lapho lingenelwe khona amagoli amahlanu, lashaya elilodwa.
Lihlulwe yizimbangi zasePitoli iSuperSport United ngo 4-1, lase liphinde lishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emidlalweni yalo emibili edlule.
Ukusebenza kweChiefs ibhekene neSundowns kukhombise isibindi nokuzimisela futhi kwabuyisa inkolelo yokuthi ingaba yiqembu elingcono ngokuhamba kwesikhathi.
Kodwa uNasreddine Nabi usephinde waphoqeleka ukuthi enze izinguquko ezimbalwa ngenxa yokumiswa nokulimala kwabadlali abathile.
Lokhu ngenye yezinselelo lo mqeqeshi ongaphansi kwengcindezi alokhu ebhekene nazo isizini yonke.
UGiven Msimango uqala endaweni kaRushwin Dortley oshaye into ecokeme emdlalweni wokugcina kodwa waphela esexhuga.
Uzodlala eceleni kukaMiguel Innacio othembekile emuva, noReeve Frosler no-Edmilson Dove emaceleni.
UNjabulo Blom naye uyaqala maphakathi nenkundla endaweni kaThabo Cele omisiwe ngenza yamakhasi aphuzi amane.
Uzosebenzisana nokaputeni uYusuf Maart maphakathi nenkundla ukunqamula iminyakazo yeMagesi, baphinde baqale eyeChiefs.
UTashreeq Morris akekho ngenxa yokulimala bebhekene neSundowns okumenze wakhishwa ngesiwombe sokuqala.
URanga Chivaviro ubuyela eqenjini elizoqala umdlalo endaweni yakhe ukuyohola ukuhlasela kwaMakhosi.
Umdlali osemncane oyintandokazi yabalandeli, uMfundo Vilakazi naye uyaqala eqenjini likaNasreddine Nabi, ethatha indawo kaMduduzi Shabalala.
IChiefs izobe ibheke ukugwema ihlazo lokuhlulwa imidlalo emithathu kulandelana, nokuqinisa amathuba okuqeda endaweni ehloniphekile ekupheleni kwesizini.
- Ibophele kanje: (4-1-4-1) Bvuma – Frosler, Dove, Msimango, Innacio – Blom – Vilakazi, Maart – Mmodi, Lilepo – Chivaviro.
- Ebhentshini: Petersen, Kwinika, Cross, Solomons, Ngcobo, Matlou, Shabalala, Potsane, Du Preez
