Bafana BafanaEzintsha

ISafa nesimemezelo esinqala ngoHugo Broos

Inhlangano eyengamele ibhola (iSafa) isikhiphe iisinqumo ngekusasa lika-HUgo Broos njengomqeqeshi weBafana Bafana.

Ikuqinisekisile ukuthi uBroos usewushiyile umsebenzi wokuba ngumqeqeshi weBafana.

Lokhu kumenyezelwe ngumengameli weSafa, uDanny Jordaan, obonge lo mqeqeshi waseBelgium ngomsebenzi omuhle awenze ngesikhathi ephethe iqembu lesizwe.

“Ngifuna ukusho kuHugo Broos, ngiyabonga kakhulu,” kusho uJordaan ngesikhathi ememezela ukuhamba kwakhe.

UBroos ushiya iBafana Bafana ngemuva kokuba nesikhathi esiyimpumelelo. 

Ngesikhathi engumqeqeshi, wakha iqembu eliqinile nelincintisanayo, walibuyisela phakathi kwamaqembu ahlonishwayo e-Afrika.

Impumelelo yakhe enkulu kube ukuholela iBafana Bafana ukuthi izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026. 

Ngaphansi kuka-Hugo Broos, iqembu liphinde laqopha umlando ngokuba elokuqala ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano.

Kulindeleke ukuthi iSafa imemezele umqeqeshi omusha maduze njengoba kuqala isigaba esisha seqembu lesizwe.

Umoya ovelayo ukhomba ukuthi lo mqeqeshi kuzoba nguPitso Mosimane ozobe esebuyela ihlandla lesibili ekuholeni iBafana.