Banyana BanyanaEzintsha

Luzolungiswa ngaphakathi oloweBanyana othuke abalandeli

Inhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika (Safa) ithi izobhekana nalo ngaphakathi udaba lomdlali we-Banyana Banyana.

Lokhu kulandela ukuthi uBambanani Mbane ekhiphe amazwi angemahle ekhuluma kwiTikTok ngemuva kokuhlulwa yiTanzania emdlalweni wokuvula iWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON).

UMbane, oshaye igoli okuwukuphela kwalo leBanyana ngesikhathi ihlulwa ngo 2-1, uzwakalise ukungenami ngendlela abanye abalandeli abagxeke ngayo iqembu kulandela lowo mphumela.

Lo mdlali ongomunye wabanamava kwiBanyana ubuze ukuthi kungani abantu becabanga ukuthi abadlali bangangena yini enkundleni ngenhloso yokwehlulwa.

“Kukhona yini umuntu ongangena enkundleni ngenhloso yokuhlulwa?” kubuza uMbane.

“Nicabanga ukuthi sidlala sodwa? Uma ningafuni ukusiseka, vele nisho. 

“Bakhona abantu abazoseseka noma sinqoba noma sihlulwa. 

“Ningaziphathi sengathi ningoNkulunkulu. Nathi singabantu.”

La mazwi akhe asabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, okwenze iSafa yakhipha isitatimende.

“ISouth African Football Association (SAFA) iqaphele ngamazwi asabalale ezinkundleni zokuxhumana aphathelene nomdlali weBanyana,” kusho isitatimende.

“Sifuna ukuqinisekisa abathandi bebhola nabalandeli be-Banyana Banyana ukuthi lolu daba luzobhekwana nalo ngaphakathi.”

ISafa iphinde yaxolisa ngamazwi kaMbane, yathi okwamanje okubaluleke kakhulu wukuthi iBanyana igxile emdlalweni obalulekile ne-Ivory Coast.

“ISafa iyaxolisa ngobuqotho ngamazwi angafanele ashiwo futhi ibonga umphakathi ngokuqhubeka nokweseka iqembu. 

“Njengoba namuhla kuwusuku lomdlalo, iqembu ligxile ngokuphelele emdlalweni weWAFCON ne-Ivory Coast. 

“Lolu daba luzobhekwana nalo ngemuva komdlalo,” kusho iSafa.