EzintshaKaizer Chiefs

UDa Cruz ucacisa ngesimo sikaDortley kwiChiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uFernando da Cruz uthi ngeke bakuphoqe ukubuyela enkundleni kuka-Rushwin Dortley.

Uthi lo mdlali ubaluleke kakhulu ngendlela yokuthi bafuna alulame ngokuphelele ngaphambi kokumdlalisa.

Lo mdlali wasemuva usehlale isikhathi esingaphezu konyaka engadlali ngenxa yokulimala. 

Ngaphambi kokulimala, uDortley wayeqale kahle impilo yakhe eNaturena futhi waze wabizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana ngaphansi kukaHugo Broos.

Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, uFernando Da Cruz uthe kufanele baqaphele kakhulu indlela abaphatha ngayo u-Rushwin Dortley.

“Kufanele siqaphele kakhulu ngoDortley ngoba sekuphele izinyanga ezingu-18 engadlali. 

“Asifuni ukumsheshisa abuye bese ephinde alimale. Sizomnika isikhathi esanele aze alulame ngokuphelele,” kusho uDa Cruz.

Lo mqeqeshi uthe uyakwazi kahle ikhono likaDortley njengoba wayeyingxenye yethimba elamsayinisa kwiChiefs eminyakeni emibili edlule.

UDa Cruz uphinde wabuzwa nangokusebenzisa kwakhe umhumushi emihlanganweni nabezindaba. 

Uveze ukuthi usebenza kanzima ukuze athuthukise isiNgisi sakhe.

“Zonke izikhathi zokuqeqesha nemihlangano zenzeka ngesiNgisi. 

“Kodwa kimi kulula ukukhuluma ‘isiNgisi sebhola’ kunesiNgisi esijwayelekile. 

“Nsuku zonke ngithatha izifundo zesiNgisi ukuze ngithuthuke,” kusho yena.