Bafana BafanaEzintsha

UBroos udalula isizathu sokushiya kwiBafana

Obengumqeqeshi we-Bafana Bafana, u-Hugo Broos, usechaze izizathu ezimenze wanquma ukungayivuseleli inkontileka yakhe neSouth African Football Association (Safa) ngemuva kokuphela kweNdebe yoMhlaba.

Lo mqeqeshi waseBelgium uthe isikhathi eside ekude nomndeni wakhe nesizungu abebhekene naso ngesikhathi esebenza eNingizimu Afrika yizona zinto ezimenze wanquma ukuthatha umhlalaphansi ebholeni.

“Ukuba kude nomndeni wami isikhathi eside, nesizungu ebengibhekene naso eNingizimu Afrika kungenze ngathatha lesi sinqumo esinzima,” kusho uBroos.

UBroos uthe ukufaka kwakhe iBafana kwiNdebe yoMhlaba kube yinto enkulu empilweni yakhe.

Lokhu ikakhulukazi njengoba kwenzeke eminyakeni engu-40 ngemuva kokudlala kwakhe kwiNdebe yoMhlaba ka-1986 emele iBelgium.

“Ngenxa yalokho, ngeke ngiyivuselele inkontileka yami njengomqeqeshi weBafana Bafana,” keengeza yena.

U-Hugo Broos waqokwa njengomqeqeshi we-Bafana Bafana ngo-2021 engena esikhundleni sikaMolefi Ntseki.