EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso ubhoboke ngakuthembisa uMudau ngeChampions League

UMiguel Cardoso useveze isikhathi esinzima abhekana naso, nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi enze isethembiso ku-Khuliso Mudau ngonyaka odlule.

 Ukuveze lokhu ekhuluma nabezindaba eRabat ngemuva kokuthi egcine ekwazile ukudla isicoco seCaf Champions League. 

Lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns ugcine ebe yiqhawe ngokuqinisekisa ukuthi leli qembu liyayithola inkanyezi yesibili.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuhlula kwabo i-ASFAR ngo 2-1 sekuhlanganiswe imiphumela ngeSonto.

Echaza, u-Miguel Cardoso uthi wazwela ebona abadlali beSundowns, ikakhulukazi u-Khuliso Mudau, bekhala. 

Lokhu kwakulandela ukuhlulwa yiPyramids FC kowamanqamu weChampions League okwakubhekwe bawunqobe. 

“Uzokhumbula uMudau emi eduze kwebhentshi ekhala ngemuva komdlalo wamanqamu sibhekene nePyramids,” kukhumbula uCardoso.

“Ngamanga ngabe sengimtshela ukuthi ngonyaka ozayo sizophinde sikhale, kodwa kuzobe sekuyizinyembezi zenjabulo.”

Leso sithembiso sifezekile ke ngeSonto ebusuku. U-Miguel Cardoso ukwazile ukujabula no-Khuliso Mudau, bebungaza lesi sicoco. 

Ube esegadla-ke nakwababemsola, beshaya amakhala ngokuqashwa kwakhe kwiSundowns.

“Ngikhumbula izintatheli zingibuza: ‘Mqeqeshi, uzokwenzani lapha?’” kuqhuba yena.

“Namuhla nabu uubufakazi… ISundowns manje izinenkanyezi yesibili.”