
ISafa ivulele iCT City intuba yokubuyela kwiPremiership
I-Cape Town City iphonswe ivulelwe intuba enkulu yokubuyela esigabeni esiphezulu sebhola likhokhelayo kuleli, iBetway Premiership.
Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha, isinqumo somxazululi weSafa singabona iCape Town City ibuyiselwa esigabeni esiphezulu.
Lesi sinqumo esisha sishaqise abaningi ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba besingalindekile, futhi bekungazange kuvele nokuthi kunecala elikhona.
Kodwa iSABC Sport ibika ukuthi isisibonile isinqumo somxazululi weSafa futhi sivuna iCity.
Umxazululi ube eselibuyisela ezithebeni zekomidi lePremier Soccer League eliqondisa ubugwegwe ilisola ngokungaliquli ngendlela efanele ekuqaleni.
Uma leli komidi livuna iCape Town City, lokho kungasho ukujika kwezinto eziningi kumaligi ePSL.
Icala limayelana neMarumo Gallants okusolakala ukuthi idlalise umdlali wasesiswini uMonde Mpambaniso emidlalweni engu-26 ngesizini edlule engabhalisiwe ngendlela efanele.
ICity, egawulwe yizembe emidlalweni yokuhlunga, ifake isimangalo, ithi iGallants yephule uMthetho 31.8.9.3 weNSL Handbook.
Lo mthetho ulawula ukubhaliswa kwabadlali ngemuva kokushintshwa kwesimo sekilabhu.
Ukubhaliswa kabusha kukaMpambaniso kubikwa ukuthi akwenzekanga ngendlela efanele ngemuva kokuthi iGallants isayise isifitiketi sayo yeMotsepe Foundation Championship kwiLeruma United.
IGallants yona yabe seyithenga isitifiketi sePremiership seMoroka Swallows, yashintsha igama leqembu.
Umxazululi weSafa uNazeer Cassim SC uvune iCity, wayalela iPSL DC ukuthi iphinde iluphenye ngokufanelekile leli cala.
Umemezele ukuthi isinqumo sokuqala sePSL Dispute Resolution Chamber (DRC) saba nephutha.
Lesi yisinqumo esikhulu, esingase siphazamise cishe zonke izinhlelo zePSL zokuqala kwesizini, ezoqala ngeMTN8 kule mpelasonto neBetway Premiership kwelandelayo.
Uma iDC nayo ivuna iCape Town City, iGallants ingase ibhekane nokuphucwa wonke amaphuzu ewathole emidlalweni la kudlale khona uMpambaniso.
Lokhu kungabuyisela iCity phezulu, bese iGallants kube yiyo eyehlela kwiChampionship ngesizini ezayo.
I-PSL manje ibhekene nengcindezi enkulu yokuthi ithathe isinyathelo esilandelayo ngokushesha ngalesi sinqumo.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
