
Izoya kwiGallants isixhugela kakhulu iKaizer Chiefs
IKaizer Chiefs izobe ingenabo abanye abadlali ababili abamqoka emdlalweni wayo olandelayo.
Izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni okumele iwunqobe weBetway Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo.
IChiefs isivele ishoda ngabadlali abahlanu abangekho ngenxa yokulimala.
U-Inacio Miguel noGiven Msimango baphuthelwe wumdlalo odlule weKaizer Chiefs ngakho ukulimala.
URushwin Dortley, uReeve Frosler, noHappy Mashiane bona basalokhu bengekho futhi okwabo ngathi okwesikhathi eside.
Manje, uPule Mmodi noGaston Sirino nabo ngeke babe khona emdlalweni olandelayo.
Bobabili bathole amakhadi aphuzi ngesikhathi iKaizer Chiefs idlala ngokulingana eChippa United ngoMgqibelo ebusuku.
Lokhu kusho ukuthi sebeqokelele amakhadi aphuzi amane emunye okusho ukuthi bamisiwe emdlalweni olandelayo.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zidlale ngokulingana ngo 0-0 neChippa eNelson Mandela Bay Stadium kule mpelasonto.
Lo mphumela ushiye umqeqeshi uNasreddine Nabi ebonakala ekhungathekile futhi ephoxekile.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia ulwela ukuqeda ngamandla kule sizini ukuze athole azokwakhela kukho ngezayo.
IKaizer Chiefs ilwela ukuhlala emaqenjini ayisishiyagalombili aphambili kwilogi.
Njengamanje kodwa isendaweni yesishiyagalombili ngemuva kwemidlalo engu-25.
Inqobe imidlalo eyisishiyagalombili, yahlulwa kweyishumi, yadlala ngokulingana kweyisikhombisa.
Abadlali abamqoka abangekho ngenxa yokulimala nokumiswa baba nomthelela omkhulu eqenjini kulesi sigaba sesizini.
UNabi ubengakujabulela ukuba nazo zonke izihlabani zakhe eziphezulu.
Okuzomduduza wukuthi uMmodi noSirino bazobe sebebuyile uma sebedlala idabhi yaseSoweto.
IChiefs izohlangana ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi ngoMeyi 3 eFNB Stadium.
Ngemuva kwalokho, izophinde ibhekane nayo futhi iPirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium.
