
Kuxwayiswa uSinoxolo Kwayiba ngokugijimela kwiPirates
Isihlabani seChippa United, uSinoxolo Kwayiba, sesinxuswe ukuthi sihlale kuleli qembu njengoba kunemibiko eveza ukuthi usebheke kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
USinoxolo Kwayiba uhlabe umxhwele kule sizini ngokudlala imidlalo engu-22 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ifomu yakhe enhle idonse amehlo omqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, wamfaka eqenjini lakhe.
Umbiko wakamuva uthi i-Orlando Pirates isifinyelele esivumelwaneni neChippa ngokudayiselana ngoSinoxolo Kwayiba.
Kodwa inkakha yebhola lase-Eastern Cape uMzawuthethi Nogwaza uzwakale enokungabaza ngobuhlakani balokhu.
Ukholwa ukuthi uKwayiba kufanele acabange ngokucophelela ngaphambi kokuba ashiye iChippa.
“Ukube benginguye, bengizocela ukwenyuselwa imali kwiChippa esikhundleni sokuzifaka engozini yokuyokhuhla ibhentshi kwenye indawo,” uNogwaza usho kanje kwiKickOff.com.
UNogwaza uthi ukudlala njalo kwiChippa kungcono kunoyokhuhla ibhentshi ekilabhini enkulu.
Uzwa sengathi lo mdlali osemncane usathuthuka futhi akufanele ajahe ukuya eqenjini elikhulu.
“Kungabe wenza iphutha uma eya eqenjini elikhulu njengamanje. Usafana nemoto esafudunyezwa injini ukulungiselela ukusuka.”
UNogwaza, owadlala kwiBush Bucks uxwayise ngokuthi ingcindezi emaqenjini aphezulu ingamlimaza lo mdlali osemncane.
“Amaqembu amakhulu afuna imiphumela esheshayo. Wenza iphutha elilodwa noma amabili, abalandeli bakujikele.”
Uqhube wathi abadlali bavamise ukuthwala kanzima ukwelulama uma kade bengaqalanga kahle eqenjini elikhulu.
“Ulahlekelwa ukuzethemba, bese umsebenzi wakho ume.”
UNogwaza uvumile ukuthi imali kungase kube yiyo imbangela enkulu eyenza uSinoxolo Kwayiba afune ukuya eqenjini elikhulu.
Kodwa ugcizelele ukuthi ukuhlala enye isizini kwiChippa kungamhlomulisa lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala.
“Uzozuza ukuzethema okukhulu ngokuhlala enye isizini. Okwamanje, usadinga ukukhula.”
Isinyathelo esilandelayo sikaKwayiba sizobhekisiswa kakhulu njengoba kusondela iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Ngabe uzokhetha ukuhlalela ukuthola ijezi njalo kwiChippa noma udumo lokudlala kwi-Orlando Pirates?
