EzintshaKaizer Chiefs

Iqale ngezikhulisele yena iChiefs ikhuculula eNaturena

IKaizer Chiefs iphinde yaba nesizini engeyinhle kwiBetway Premiership njengoba igcine iqede endaweni yesishiyagalolunye.

Nokho ihlazo alinakekile kakhulu njengoba ikwazile ukunqoba iNedbank Cup, okusule abalandeli izinyembezi zeminyaka.

Kodwa ukungenzi kahle kwiligi – la ihlulwe khona emidlalweni engu-12 – kuveze ukuthi kufanele kube nezinguquko ezizokwenzeka. 

Nebala ziqalile ke ngoLwesine ntambama ngesikhathi imemezela ukuthi seyihlukene noSabelo Radebe. 

“IKaizer Chiefs seyihlukene ngokusemthethweni nomdlali wasesiswini ohlaselayo uSabelo “Bibo” Radebe.

“Sifisela u“Bibo” okuhle kodwa ngekusasa lakhe,” ibhale kanje iChiefs ezinkundleni zokuxhumana imemezela ukushiya kwalo mdlali. 

URadebe ukhululwa nje bekuvele kulindelekile njengoba eseneminyaka enyuselwa eqenjini elikhulu, kodwa ehluleka ukungena eqenjini eliqala imidlalo.

Ekuqaleni kwale sizini ubolekiswe kwiRichards Bay ngethemba lokuthi uzothola ukudlala njalo, bese ebuyisa ukuzethemba, athole namava.

Kodwa leli qembu laKwaZulu-Natal lisheshe lamdedela lathi akabuyele ekhaya kwiChiefs ngoba likhala ngokuthi akukho angalenzela khona.

ILisenethini imbalile kubadlali abangase bachithwe ekuqaleni kwaleli sonto njengoba sekwenzekile nje. 

Njengoba seliqalile izembe, kulindeleke lishe nakwabanye kwazise umqeqeshi uNasreddine Nabi ukhale ngezinga labaningi. 

Kwabanye okulindeleke ukuthi nabo ‘babongwe’ kwiChiefs kukhona uBongani Sam, uHappy Mashiane nabanye abaningi. 

Khonamanjalo, omakhelwane beChiefs eSoweto, i-Orlando Pirates, nabo baqalile ukukhuculula ngokudedela izinkunzi ezimidwyidwa.

OMiguel Timm no-Innocent Maela kumenyezelwe ngoLwesine ekuseni ukuthi ngeke besaqhubeka kuleli qembu.