
Ay akuhambanga kahle kwiPirates, uRiveiro uyachaza
I-Orlando Pirates isiphinde yalahla amaphuzu abalulekile, yaphinde yasalelaa emuva kakhulu emjahweni wesicoco seBetway Premiership.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uwemukele umphumela ngemuva kokuthi bebanjwe yiStellenbosch FC ngo 1-1 ngoLwesibili ebusuku.
“Angiphoxekile,” kusho uJose Riveiro ngemuva komdlalo obuse Athlone Stadium eKapa.
“Ngicabanga ukuthi kuyinto evamile lapho amaqembu womabili enabadlali abangu-11, womabili ayazama ukunqoba umdlalo.
“Ngesikhathi isitha sesidlala ngabangu-10, bekungasekho nhloso yokuwina umdlalo…
“Sizamile. Anginaso isiqiniseko sokuthi sakhe amathuba anele yini. Besiphakanyelwa imimoya kakhulu ngaphakathi ebhokisini.
“Sibe namathuba ambalwa okunqoba umdlalo, kodwa asizange siwasebenzise. Besisondela ebhokisini kodwa singenzi kahle.”
UJose Riveiro uthe akafuni ukubeka izaba ngoba bebenamathuba anele okunqoba lo mdlalo.
“Noma yini engiyishoyo izozwakala njengezaba kodwa njalo uma sidlala lapha, kuba nzima ukwenza kahle.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
“Akuwona umphumela ebesiwufuna lo, sifuna ukunqoba yonke imidlalo. Kodwa kufanele siqonde ukuthi kuhlale kukhona imbangi esebenza kanzima ukukuvimba lokho.
“Benze umsebenzi omuhle namuhla futhi bakwazi ukusivimba ekutholeni umphumela.”
I-Orlando Pirates izifake ngaphansi kwengcindezi enkulu ngalo mphumela njengoba sekumele inqobe uma seyibhekene neMamelodi Sundowns.
Iqembu laseTshwane sephambili ngamaphuzu angu-18 ngemuva kokushaya kalula AmaZulu FC ngo 2-0 eLucas Moripe Stadium.
Njengoba iStellies yehliswe yaba ngabesilisa abangu-10 esiwombeni sokuqala, iPirates bekulindeleke ukuthi isebenzise leli thuba futhi ithole iwini ebalulekile.
UBrian Onyango ukhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uTshegofatso Mabasa obesebheke epalini, emvimmbela ithuba lokushaya igoli.
- FUNDA NALA | Amehlo kuBongani Zungu AmaZulu elwa nelakhe lakudala
Umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, uvumile ukuthi ukudlala ngokulingana kweqembu lakhe kufana nokunqoba ngenxa yengcindezi abebengaphansi kwayo.
Uthe uyaziqhenya ngabadlali bakhe ngomzamo omkhulu wokubambelela ephuzwini elibalulekile elibabeke endaweni yesithathu kwilogi.
