AmaZuluEzintsha

Amehlo kuBongani Zungu AmaZulu elwa nelakhe lakudala

Ukwenza kahle kwakhe kufake amandla Osuthwini, okumenze waba ngumdlali obalulekile empumelelweni yakamuva yeqembu.

NgoLwesibili ebusuku, uBongani Zungu uzobhekana neqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sundowns, emdlalweni weBetway Premiership eLucas Moripe Stadium. 

Umdlali wasesiswini weSundowns, uJayden Adams, uyibheke ngabomvu inselelo yokubhekana noZungu onamava.

AmaZulu akhuphukele endaweni yesithupha ngemuva kokungaqali kahle unyaka. 

U-Arthur Zwane, osehola iqembu yedwa ngemuva kokusula kukaVusumuzi Vilakazi, uselufake endaweni ehloniphekile kwilogi.

U-Adams, osanda kujoyina iSundowns esuka kwiStellenbosch FC, usesheshe wajwayela eqenjini lakhe elisha. 

Ukwenza kahle kwakhe sekumenze wabuyiselwa esikwatini seBafana Bafana okuzokhethwa kuso abazodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

“Silindele umdlalo onomdlandla ophezulu. AmaZulu ayacindezela, anyuke aye phezulu kodwa aphinde ahlale emuva ngezinye izikhathi,” kusho u-Adams. 

“Ukuzilungiselela kwethu kube kuhle, futhi isimo sengqondo ekhempini sihle kakhulu.”

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala uzakhele igama efika kwiSundowns ngamagoli amabili emidlalweni yakhe yokuqala engu-11. 

Uqoke uRowan Human, uZungu, noRiaan Hanamub njengabadlali abamqoka nokuzomele babaqaphele kuMaZulu.

Njengoba womabili amaqembu esefomini enhle, lo mdlalo uthembisa ukuba sezingeni eliphezulu.

ISundowns izobe ibheke ukubuyela emgqigweni wokunqoba njengoba ibanjwe womkhaya baMaZulu, iGolden Arrows ngo 1-1 emdlalweni odlule. 

AmaZulu wona azobe ebheke ukuqhubeka nokungehlulwa nokungangenelwa goli njengoba enzile emidlalweni yawo emithathu yakamuva. 

  • ISundowns ibophele kanje kulo mdlalo (3-4-3): Williams – Mokoena, Suarez, Kekana – Mudau, Lunga, Ribeiro, Modiba – Rayners, Adams, Shalulile
  • Ebhentshini: Onyango, Khoza, Morena, Cupido, Mkhulise, Esquivel, Lethlaku, Mathews, Sales
  • AmaZulu wona abophele kanje (4-4-2): Mothwa – Mobara, Hanuman, Mthethwa, Fielies – Jooste, Moremi, Motswari, Zungu – Kambindu, Ekstein
  • Ebhentshini: Ofori, Gumede, Sikhakhane, Mphahlele, Radebe, Brooks, Haba, Sithole, Human