EzintshaFifa Club World Cup

ULorch usephenduke ‘igwinya elishisayo’ kwawangaphandle

UThembinkosi Lorch ubolekiswe kwiWydad yizikhondlakhondla zaseNingizimu Afrika, iMamelodi Sundowns.

Wathunyelwa kulezi zinkunzi zaseMorocco ngenxa yokuthi ubengenandawo futhi engekho ezinhlelweni zomqeqeshi kuMasandawana.

Wayesayiniswe ngowayengumqeqeshi uRulani Mokwena, owabe esedlulela kwiWydad wawathanda umqondo wokuphinde ahlangane noLorch kuyo.

Imibiko iveze ukuthi uMokwena waphikelela ngenkani ekusayiniseni uLorch yize abaphathi beqembu bengajabule ngokuthengwa kwakhe. 

Futhi ukuziphatha kukaLorch ezinsukwini zakhe zokuqala kwiSundowns akuzange kusize nakancane.

Wake waqoshwa ezijuxuza nezintokazi ezithile phakathi nesizini, into ephambene nemithetho yeqembu.

Kodwa kwiWydad, uThembinkosi Lorch usezalwe kabusha futhi wakhombisa akwazi ukukwenza ikakhulukazi ngaphansi kukaMohamed Amine Benhachem ongene esikhundleni sikaMokwena.

UBenhanchem usanda kudalula imfihlo yokuvuselela ifomu kaLorch, wathi ukhiye wukumkhombisa uthando nokukholelwa kuye. 

Kumanje sekuvele ukuthi angathanda ukumgcina ngesizini ezayo njengoba ekholwa ukuthi angaba wukhiye ezinhlelweni zabo.

IWydad isibuyele ebholeni lezwekazi ngemuva konyaka ingekho njengoba iodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo. 

Isihibe nokho kunga wukuthi iSundonws ibe nezinye izinhlelo ngoLorch futhi ingavumelani nokuphinde ibolekise ngaye. 

IWydad ingazama ukumthenga uThembinkosi Lorch, kodwa imali efunwa yiSundowns ngaye ingaba esinye isithiyo.  

Kodwa-ke, njengoba sekusele izinyanga ezingu-12 kuphela kwinkontileka yakhe neSundowns, leli qembu linganquma ukudla imali ngaye. 

Kodwa noma kunjalo, iWydad izobhekana nokubangiswa okukhulu njengoba kuvela ukuthi akhona namanye amaqembu aseGulf Region naseNyakatho Afrika anentshisekelo kuLorch. 

Lapho uLorch ezogcina edlale khona ngesizini ezayo kuzoba ezinye zezinto ezizobhekwa kakhulu emasontweni ambalwa ezayo.