EzintshaOrlando Pirates

UJose Riveiro ‘ugodle’ oyedwa kwabasengozini yokumiswa

UJose Riveiro unabadlali abathathu abajwayele ukuqala imidlalo – oRelebohile Mofokeng, uThalente Mbatha noPatrick Maswanganyi – abanamakhadi amathathu aphuzi. 

Laba badlali abathathu bebezoba sengcupheni yokuthola ikhadi eliphuzi emdlalweni wangoLwesibili bese bengabi khona emdlalweni omkhulu wangeSonto.

IPirates izohlangana neStellenbosch FC ngoLwesibili ebusuku e-Athlone Stadium emdlalweni okumele iwunqobe ukuze ingasali emuva kakhulu kwiMamelodi Sundowns.

Kodwa ngeSonto, izohlangana nayo iSundowns emdlalweni ongaba nomthelela omkhulu ekunqumeni ukuthi isicoco seBetway Premiership sizoya kuphi. 

Isinqumo sakhe ngalaba badlali bekungenye yezinto abalandeli ababebheke ngabomvu ukubona ukuthi uzokwenza njali.

Bekubhekwe ukubona ukuthi engababeka yini engcupheni koweStellies, futhi azibeke engcupheni yokungabi nazo lezi zihlabani zakhe ngeSonto. 

Kodwa uJose Riveiro unqume ukugodla oeydwa kulaba abathathu njengoba engekho eqenjini elizobhekana neStellies. 

UMbatha akekho eqenjini. UMofokeng ukhona futhi uyawuqala umdlalo kanti uPatrick Maswanganyi uzoqala ebhentshini, futhi angase angangeni ngisho enkundleni.

Nokho lokho kungase kuye ngokuthi umdlalo uhamba kanjani. Uma kuyihambela kahle iPirates, ngeke adlale.

Inselelo kaRiveiro ukuthi yomibili imidlalo ibalulekile. IStellies isendaweni yesithathu kwilogi kanti isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiPirates.

ISundowns iphambili ngamaphuzu angu-16 kwiPirates, kanti uma iwina ngeSonto izowelula afinyelele ku-19.

Uma ihluliwe, lizoncipha igebe lifinyelele kwangu-13. IPirates isisele ngemidlalo emine kwiSundowns.

Endaweni kaMbatha kuboshelwe uGoodman Mosele obelokhu engena esuka ebhentshini emidlalweni embalwa edlule. 

KwekaMofokeng kukhona uKabelo Dlamini, naye ovamise ukuqala ebhentshini kanti ekaMaswanganyi ithathwe uMohau Nkota. 

  • IPirates ibophele kanje kulo mdlalo (4-3-3): Chaine – Van Rooyen, Hotto, Sibisi, Mbokazi – Mosele, Dlamini, Makhaula – Nkota, Mofokeng, Mabasa. 
  • Ebhentshini: Buthelezi, Rasebotja, Mako, Maswanganyi, Xoki, Shandu, Ndlozi, Makgopa, Ndlondlo.