
IPirates isimwinile umdlali weBafana ebimbanga neDowns
I-Orlando Pirates ishiye iMamelodi Sundowns incela izithupha isayina umdlali wasesiswini ohlaselayo weBafana Bafana.
ILisenethini isingakuqinisekisa ukuthi uTshepang Maremi uzodlala kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo ngemuva kokusayia kuyo esuka kuMaZulu FC.
Lo mdlali odle ngejubane nekhono lokudlula kwizitobha usanda kubizelwa kwiBafana Bafana.
Futhi ube ngomunye wabadlali abahlabe umxhwele umqeqeshi uHugo Broos emdlalweni wabo wokuqala.
Umthombo owazi kahle lolu daba uthe uhlangane nosihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza ukuze baqedele isivumelwano ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
“Isivumelwano senziwe buthule kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi usesayinile futhi usedlala ezikhondlakhondla zaseSoweto,” kusho umthombo.
Uyingxenye yabadlali okungenani abayisikhombisa abasha abalindeleke kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
Kulindeleke ukuthi bethulwe ngasekuqaleni kwenyanga ezayo ngaphambi kokuthi iqembu lindizele eSpain.
IPirates izophinde ibambe ikhempu yayo yokulungiselela isizini eSpain. Nokho basazokwethula abadlali abasha nomqeqeshi omusha.
NgoLwesine iLisenethini ibike ukuthi iPirates isisayinise noSipho Mbule onezinkinga kodwa onekhono elimangalisayo.
Abanye abadlali abalindeleke kwiPirates nguSinoxolo Kwayiba weChippa United, Tshepo Mashiloane noKabelo Kgositsile weBaroka FC.
Kukhona noMasindi Nemtajela weMarumo Gallants, uNkosikhona Ndaba weRichards Bay, noSihle Nduli weStellenbosch FC.
