
Zilokhu zingenile ezimnandi kubalandeli beChiefs
IKaizer Chiefs seyisheshisile yamsayina u-Asanele Velebayi, kusaphele usuku kuphume isinqumo esikhululayo nesimenza atholakale mahhala.
Bese kunesikhathi eside iChiefs ifuna ukusayina lo mdlali wasesiswini obekwiCape Town Spurs – empeleni kusukela ngesizini edlule.
Nokho imizamo yayo yachithwa yiSpurs ngesizini edlule, ikhala ngokuthi okubekwe yiChiefs etafuleni kuncane kakhulu.
Kodwa ke manje, ngemuva konyaka, iChiefs seyimthole mahhala lo mdlali njengoba isigugu sePSL esixazulula izingxabano sinqume ukuthi akasenayo inkontileka neSpurs.
UVelebayi wamukelwe eNaturena yisikhulu esibhekelele ukusayinwa kwabadlali kuleli qembu uKaizer Motaung Junior ngoLwesibili ntambama.
Lo mdlali odabuka eKapa usayine inkontileka yesikhathi eside kuMakhosi – nokho imininingwane ayizange idalulwe.
“Sijabule ukuthi sibe no-Asanele lapha nathi,” kusho uKaizer Junior oyiSporting Director kwiChiefs.
“Ungumdlali ozokwengeza ikhwalithi futhi sikholwa wukuthi uzoba nomthelela omuhle kakhulu ngoba udlala ngendlela ehambisana kahle nebhola lethu.”
FUNDA NALA | OWECHIEFS UKITAZWA ABABUYAYO EQENJINI
Manje iChiefs isizolinda izinqumo sesigungu sePSL ngoLuke Baartman, omunye umdlali embanga neSpurs naye efuna ukumsayina.
