
Enye ingqijikhwebu kwekaRulani Mokwena neWydad
URulani Mokwena usazolibona lifezeka iphupho lakhe lokuhola i-Wydad Athletic kwiFifa Club World Cup.
Lokhu kungemuva kokuthi imenenja yakhe, uSteve Kapelushnik ehlangane nabaphathi beWydad futhi zalungiswa izinkinga mayelana nekusasa lakhe kuleli qembu.
NgoLwesibili emini Kuqubuke izindaba zokuthi uRulani Mokwena angase alishiye leli qembu laseNyakatho Afrika ngenxa yokungaholi izinyanga eziyisishiyagalombili.
Lokhu bekusho ukuthi leli qembu lephule inkontileka yakhe, futhi bekunezinsolo zokuthi uzoishiya bese eliceba kwiFifa ngalokhu.
Kodwa ulwazi lwakamuva luveza ukuthi izinkinga sezilungisiwe, kanti uMokwena uzohlala kuleli qembu okungenani kuze kuphele le sizini.
Imininingwane yomhlangano phakathi kwemenenja yakhe neqembu ayikacaci okwamanje, kodwa kuvele ukuthi izingxoxo zibe yimpumelelo.
URulani Mokwena ujoyine i-Wydad Athletic ngenkontileka yeminyaka emithathu ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns ngoJuni nyakenye.
Nokho izinto azihambanga ngendlela abengathanda ngayo njengoba iqembu liphumile embangweni weBotola Pro League neThrone Cup.
Nokho lisenalo ithuba lokubuyela kwiCaf Champions League noma iConfederation Cup ngokuqeda endaweni yesibili noma yesithathu kwiligi.
IWydad iseqoqweni elilodwa nezikhondlakhondla ze-English Premiership iManchester City kwiFifa Club World Cup ezodlalelwa e-US, Mexico naseCanada ngoJuni.
IMan City iqeqeshwa nguPep Guardiola, okungumqeqeshi uMokwena akholelwa futhi abukela kuye ebholeni.
Ukubhekana nalo mqeqeshi kufanele ukuthi kuyoba yinto enkulu kuMokwena.
Amanye amaqembu akuGroup G yiJuvents yase-Italy ne-Al Ain FC yase-United Arab Emirates.
