
UShalulile uveza icebo leDowns lokucoboshisa i-Esperance
Umgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, uthi ngeke bahlale emuva kodwa bazodlala ibhola labo yize bezobe bengekho ekhaya emdlalweni wabo ngoLwesibili.
UPeter Shalulile uthi bahlose ukunamathela ohlelweni lwabo lokuwina njengoba bezobhekena ne-Espérance emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League.
Lo mgadli waseNamibia ushaye nguye oshaye igoli elilodwa emlenzeni wokuqala, elibeke amaBrazilians ethubeni elingcono enqoba ngo 1-0.
Manje, njengoba bezoba seStade Olympique Hammadi Agrebi eTunisia ngoLwesibili ebusuku, behlose ukuqeda umsebenzi.
Ngokushaya igoli elilodwa ekhaya, iSundowns ibonakala yaziqasilela umsebenzi okumele iwenze ekuhambeni.
Kodwa ke yona sekumele idlalelele ukuthi ingahlulwa bese idlulela phambili kulo mqhudelwano ebhekwe kakhulu kuwo.
“Sizonamathela ohlelweni lwethu lomdlalo, sigaye imiphumela, futhi sithandazele ukuthi bangashayi goli,” kusho uShalulile.
UPeter Shalulile unamagoli angu-19 kwiCaf Champions League neSundowns futhi useyingxenye ebalulekile kanti namathemba eqembu asemahlombe akhe.
Amava akhe kulo mqhudelwano nasebholeni lamazwe ngamazwe azoyisiza kakhulu iSundowns.
Ozonqoba kulo mdlalo uzohlangana ne-Al Ahly noma i-Al Hilal kowandulela owamanqamu.
UShalulile uthi iSundowns ayikhathazekile futhi iyazi ukuthi yini okumele iyenze kulesi sigaba esikuso.
“Kumayelana nokusebenza kanzima nokuphusha ukuze sifike emzuliswaneni olandelayo,” kwengeza yena.
ISundowns izobuyela ekhaya ngokushesha ngemuva komdlalo weChampions League.
Phela nalapha ekhaya ilindwe ngenye impi njengoba izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup eLoftus Versfeld ngeSonto ngo-6 ntambama.
Njengoba imidlalo yayo isondelene nje, iSundowns izimisele ukugcina ukuqhubeka nokubusa ebholeni lakuleli bese yenza okufanayo nasezwenikazi.
