
Inkhakha ithipha owoSuthu ukuketula uWilliams kwiBafana
Ngu-Alfred NGUBANE
Ingwazi yebhola laseNingizimu Afrika uMlungisi “Professor” Ngubane ikholwa ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi uRowen Williams abe nozombangisa ijezi okwangempela eqenjini lesizwe.
URonwen Williams usebe nguNombolo 1 nokaputeni weBafana Bafana isikhathi eside manje.
NgokukaNgubane lokhu kuyakhathaza ngoba kungase kuholele ekutheni agcine esengazimiseli ngokugcwele ngokwazi ukuthi vele akabangiswa.
Njengamanje uSipho Chaine we-Orlando Pirates nguye ongowesibili ngemuva kukaWilliams, bese uRicardo Goss weSiwelele FC abe ngowesithathu.
Kodwa uNgubane, owazakhela igama kwiDurban Bush Bucks njengomdlali, ukholwa ukuthi lo umdlali ozophonsela inselelo uWilliams ngunozinti waMaZulu FC uDarren Johnson.
“Ngimbona (uJohnson) engcono kakhulu kunoSipho Chaine we-Orlando Pirates ngenxa yokuthi unenkani uma esepalini,” kusho uNgubane.
“Ngiyabathanda onozinti abakhombisa ukuzimisela nokulwa njengoJohnson, ngoba usuyabona ukuthi uyalwa engafuuni lutho olusondela epalini lakhe.
“Kubonakalile lokhu emidlalweni yakamuva yoSuthu,” kugcizelela uNgubane engxoxweni ekhethekile neLisenethini.
UWilliams, owathatha izintambo ku-Itumeleng Khune, akakabheki emuva, kanti umqeqeshi uHugo Broos usakholelwa ukuthi ungunozinti ohamba phambili kuleli.
Yize uWilliams eqinisekisiwe indawo yakhe eqenjini lBafana elizodlala ku-Africa Cup of Nations (Afcon) uChaine, uGoss noJohnson basalwela ezabo izindawo.
FUNDA NALA | UNcikazi uveza okungase kube yingozi kwiPirates
Labonozinti basefomini enhle futhi bazokwengeza ikhwalithi eqenjini eliya eMorocco ngoDisemba uma beqokiwe.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
