
ISafa ivuke ngabaxhasi abasha ngaphambi kweNdebe yoMhlaba
ISouth African Football Association (iSafa) isimemezele isivumelwano esiyingqophamlando nabaxhasi abasha.
Futhi lesi sivumelwano esisha sizolekelela kakhulu iSafa njengoba sihlanganisa wonke amaqemu ayo esizwe kusukela manje ngo-2026 kuya ku-2030.
Lo mxhasi omusha, iStandard Bank yethulwe ekomkhulu laleli bhange eRosebank, eGoli ngoMsombuluko ekuseni kanti luyisiqalo se”Vision 2030″.
Leli bhange manje selingumxhasi osemthethweni wawo wonke amaqembu esizwe: iBafana Bafana, iBanyana Banyana, nazo zonke izigaba zentsha.
“Ukuze impumelelo yethu isimame, kufanele siqhubeke ngale kweMexico, USA, neCanada,” kusho umengameli weSafa uDanny Jordaan.
Ugcizelele ukuthi nakuba umbukiso ozayo weNdebe yoMhlaba ka-2026 kuyiwo okugxilwe kuwo njengamanje, lolu xhaso luvikela indlela yemali yesikhathi eside.
INDLELA EBHEKE EPACHUCA
Lesi simemezelo siza ngesikhathi esibalulekile eqenjini lesizwe elibheke eNdebeni yoMHlaba.
ISafa isanda kuqinisekisa ukuthi iBafana Bafana izozinza ePachuca, eMexico, ngesikhathi salo mqhudelwano ka-2026.
Ukulungiselela iqembu, kuhelwe imidlalo yobungani emibili esezingeni eliphezulu nePanama ngasekupheleni kwale nyanga.
Le midlalo emibili izoba kuleli kanti ihlelwe kanje:
- Mashi 27: eMoses Mabhida Stadium eThekwini
- Mashi 31: eCape Town Stadium, eKapa
OKUHEHE ABAXHASI
Isikhulu esiphezulu seStandard Bank South Africa uDavid Hodnett uchaze lesi sinyathelo njengesihambisana kahle nezinhloso zabo.
“I-Afrika yikhaya lethu, siqhuba ukukhula kwayo,” kusho lesi sikhulu.
FUNDA NALA | UKhune uzifake zaphelela kubadlali beChiefs
Ngalolu xhaso, leli bhange lihlose ukubhebhethekisa izifiso zabalandeli “abapenda amadolobha ngombala oluhlaza nogolide” ngezinsuku zemidlalo.
