EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isivuke ngomgadli ne‘dayimane’ ekade ilifuna

Le kilabhu ezinze eNaturena iqinisa iqembu layo futhi manje seyithole abadlali ababili – umgadli nomdlali wasesiswini ohlaselayo. 

Imibiko yakamuva iveza ukuthi umgadli u-Etiosa Ighodaro usejoyine iKaizer Chiefs futhi usefake nesicelo sokuthola iVisa ezomvumela ukuhamba nayo aye eNetherlands.

U-Ighodaro, odabuka eNigeria, ubesemabhukwini eMamelodi Sundowns kodwa kule sizini ubebolekiswe kuMaZulu FC.

Amakhosi azobambela ikhempu yawo yokuzilolongela isizini eNetherlands lapho ezophinde adlale khona imidlalo yobungani embalwa okuhlanganisa nowodwa neFC Utrecht. 

Kuphinde kwavela ukuthi iKaizer Chiefs isigcine ithole “idayimane” osekunesikhathi eside ilihalela ku-Asanele Velebayi.

Kuthiwa zimbalwa izinto ezisazolungiswa ngaphambi kokuthi uVelebhayi abe ngumdlali weChiefs. 

Njengamanje uVelebhayi unenkontileka neCape Town Spurs, kodwa izophela ngoJuni 30.

Lokhu kungenxa yokuthi iSpurs yehliselwe esigabeni sama-amesha isuka kwiMotsepe Foundation Championship kule sizini. 

Leli qembu laseKapa nokho lisezingxoxweni zokuthi lithenge isitifiketi selinye iqembu leChampionship ukuze lihlale kulesi sigaba.

Kodwa ukuze ligcine abadlali balo, lidinga ukuthi lesi sitifiketi lisithenge futhi sigunyazwe yiPSL ngaphambi kukaJuni 30. 

Kodwa ngokuma kwezinto njengamanje, akubukeki sengathi lokho kuzokwenzeka. Futhi lokhu kuzosho ukuthi iChiefs izomthola mahhala uVelebhayi.

ISpurs inqabile ukudayisa lo mdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs ngesizini edlule, yathi u-R4 million eyayiwukhipha mncane kakhulu. 

Khonamanjalo iChiefs kukholakala ukuthi ihalela nomdlali wasemuva kwesokunxele uLungelo Bhenu kuso iSpurs.

NjengoVelebhayi, uBhengu naye uzotholakala mahhala ngemuva kukaJuni 30 lapho isizini yePSL isisongwe ngokusemthethweni.