
Igidigidi ebholeni lakuleli kuvuthwa eye-VAR
- Intatheli yeLISENETHINI
ISafa ibambe umhlangano wesigungu esiphezulu eGqeberha, kanti into ebiphambili bekuwukuletha uhlelo lwe-VAR (Video Assistant Referee) ebholeni laseNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie uhambele lo mhlangano ngasekupheleni kwezingxoxo futhi waveza ukweseka kwakhe imizamo yokuletha lolu hlelo kuleli.
Umengameli weSafa, uDanny Jordaan, udalule ukuthi le nhlangano isebenzisana nohulumeni nePremier Soccer League (PSL) ukuze kuqaliswe iVAR kuleli.
“Sibe nezingxoxo ezinhle nongqongqoshe uMcKenzie, futhi uthembise ukukweseka kwakhe ukuqaliswa kwe-VAR,” kuqinisa uJordaan.
“Sizophinde sihlangane naye nePSL ukuze siphothule izinhlelo. Uzibophezele ukuthi uhulumeni uzofaka isandla ngokwezimali.”
Ukuqaliswa kwe-VAR kulindeleke ukuthi kubize u-R80 million. Kuzobe sekuba u-R70 000 ngomdlalo ngamunye ngemuva kwalokho.
Ukuqalwa kwalolu hlelo kuleli kubonakala kufanele kulandela izinqumo zonompempe ezingenelisi ezenzeka ebholeni lakuleli.
OLUNYE UDABA: Usizi luzwa olunye kwiRoyal AM echithwe yinkantolo
I-PSL, ngomlomo kasihlalo wayo, u-Irvin Khoza, yayithe yona seyivele ikulungele ukuqalwa kwalolu hlelo, yabanjezelwa yiSafa eyakhala ngokushoda konompempe abaqeqeshelwe lona.
