EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isinaye umqeqeshi omusha njengoba izihlela kabusha

I-Kaizer Chiefs isinaye phansi umqeqeshi wayo olandelayo ozohola iqembu ngomkhankaso ka-2026/27 — futhi akuyena uPitso Mosimane noma uManqoba Mngqithi.

ILisenethini ithole ngokukhethekile ngomthombo othembekile osondelene nezikhulu zeqembu ukuthi iGlamour Boys ikhethe ukulanda owaphesheya.

Kuvela ukuthi isiqede konke nomqeqeshi wase-Europe, nokho igama lakhe asikalitholi okwamanje.

Ngokusho komthombo, umqeqeshi ozayo ngowaseYurophu futhi ngeke afike yedwa. 

Njengengxenye yesivumelwano nebhodi laMakhosi, uzfika nethimba lakhe elizomsiza kodwa kunombandela obalulekile.

“Sebenaye umqeqeshi kodwa akayena owakulile, ngicabanga ukuthi ungowaseYurophu. 

“Okuzokwenzeka wukuthi uzofika nabantu bakhe azosebenza nabo,” kusho lo mthombo.

Nokho, ngendlela ethokozisayo abaphathi be-Kaizer Chiefs, bafake umbandela wokuthi kube khona nowakuleli kumaphini akhe. 

Lowo kuzoba nguDillon Sheppard njengoba ezobuyiselwa eqenjini elikhulu.

Lokhu kwenzelwe ukuvala igebe lokwehlukana kwesiko nokunizeka ngolwazi olubalulekile lweBetway Premiership. 

Ikilabhu inomuzwa wokuthi lesi yisifundo esibalulekile esifundwe ngethimba elidlule ebelingenaye nhlobo owakuleli.

“UDillon Sheppard naye uzoba yingxenye yethimba labaqeqeshi ngoba abaphathi bafuna kube khona nowakuleli,” kwengeza umthombo. 

“Bafunde ethimbeni labaqeqeshi langaphambilini ukuthi bayamdinga umuntu wakuleli abe khona.”

Njengoba umqeqeshi esekhona futhi nethimba lakhe eseliqokile, sekusele i-Kaizer Chiefs imemezele ngokusemthethweni ezinsukwini ezizayo.