
Sekunezintsha ngoLyle Foster olimale koweBafana
- Sibongiseni GUMBI
ISafa seyimemezele ezintsha ngomgadli weBafana Bafana, uLyle Foster ngaphambi komdlalo waleli qembu neCongo ngoLwesibili ebusuku.
Lo mgadli oneminyaka engu-24 walimala emdlalweno womlenze wokuqala obuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoLwesihlanu.
Waphuma esethwelwe ngohlaka ngemuva kokushayisana nonozinti weCongo ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
Ngemuva komdlalo, umqeqeshi uHugo Broos wezwakala enethemba lokuthi uzosheshe alulame, baphinde bakwazi ukumsebenzisa nangoLwesibili.
Kodwa ngoMsombuluko iSafa iveze ukuthi uFoster usekhululiwe eqenjini futhi usephindele ekilabhini yakhe iBurnley e-England.
“ULyle Foster usekhishiwe eqenjini leBafana Bafana elizobhekana neCongo-Brazzaville emdlalweni wasekuhambeni ngoLwesibili.
“UFoster walimala ngesikhathi lamaqembu ebhekene emdlalweni wokuqala eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha.
“Walimala ngemuva kokushayisana nonozinti uChristopher Mafoumbi,” kusho iBafana esitatimendeni.
“Ulimale edolweni lesinxele wabe esehanjiswa ukuyohlolwa. UDkt Tshepo Molobi, uthe ukulimala kwakhe akukubi ngendlela obekucatshangwa ngayo.”
Kuthiwe uFoster ubuyiselwe ekilabhini yakhe ukuze asheshe aqale uhlelo lokwelulama kodwa akuveli ukuthi kuzomthatha isikhathi esingakanani.
