EzintshaKaizer Chiefs

Owodumo kwiChiefs ‘obenyamalele’ usevuke ngeqembu elisha 

Owayengumdlali wasesiswini kwi-Kaizer Chiefs obese kuphele isikhathi enyamalele emehlweni omphakathi uselitholile iqembu elisha azodlala kulo.

Ukungabonakali kwakhe bekushiye abalandeli bezibuza ngokwenzeka kuye kwazise washiya kuMakhosi besamthanda. 

Nokho, ngoLwesine ekuseni, ikilabhu edlala esigabeni sesine imemezele ukuthi isimsayinile.

USiyethemba Sithebe usezoqhubeka nebhola lakhe kwiFlamingo FC, edlala kuKZN Safa King Cetshwayo Regional League Stream B.

Lo mdlali wasesiswini odabuka eNewcastle waqala ukuzakhela igama kwiMbombela United.

Kulapho ayengomunye wabadlali abavelele ngesikhathi le kilabhu, eseyaphela, icishe ingena kwiBetway Premiership.

Wabe esedlulela kuMaZulu FC, lapho aqhubeka khona nokukhombisa ikhono lakhe ebholeni elikhokhelayo, waze waheha i-Kaizer Chiefs.

Ukushiya kwakhe kuMaZulu akuhambanga kahle. Wamiswa ekuziqeqesheni neqembu lokuqala ngemuva kokutholakala ukuthi usayine isivumelwano sangaphambi kwenkontileka neChiefs.

Ukufika kwakhe eNaturena kwamukelwa ngenhlokomo ngabalandeli abaningi, ikakhulukazi ngenxa yokufana kwakhe noSiphiwe Tshabalala, owayeyinkakha yeChiefs.

Nokho, izinto azihambanga ngendlela eyayobhekiwe eNagturena. 

Ukhululiwe ngemuva kwamasizini amabili, wabe esejoyina iRichards Bay FC.

Ukuhamba kwakhe kwiNatal Rich Boyz nakho kwabikwa ukuthi akuzange kube kuhle.

Kwalandelwa yizinsolo zokungaboni ngaso linye nethimba labaqeqeshi esigamekweni okuthiwa sasihambisana nokudakwa.

Ngemuva kokushiya iRichards Bay, uSithebe akazange abonakale kwelinye iqembu, kwaze kwaba yilapho iFlamingo FC imemezela ngokumthatha kwayo ngoLwesine ekuseni.

Esitatimendeni esifushane, le kilabhu ibhale yathi: “Ongikhumbuza uTshabalala useYellow and Blue. Isipiliyoni sakhe sizosisiza kakhulu.”