EzintshaOrlando Pirates

Inkakha isola eyokudayiswa kukaMohau Nkota kwelaseSaudi

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ube nesizini enhle kakhulu nePirates ekubeni bekungeyokuqala eqenjini elikhulu.

UMohau Nkota udlale imidlalo engu-39 futhi waba nesandla emagolini angu-12 – ushaye ayisikhombisaamagoli, wakhela ozakwabo amahlanu. 

Manje usebheke eMiddle East la aseyodlala khona njengoba iPirates seyivumile ukumdayisela i-Al-Ettifaq. 

Kodwa uWilliams asimhlabi umxhwele lesi sinyathelo, ungabaza ukuthi sizomsiza kanjani lo mdlali osemncane ekukhuleni kwakhe.

“Njengoba esena-20 nje, lesi akusona isinyathelo esifanele,” kusho uWilliams kwiThe Citizen. 

UWilliams naye wadlala eSaudi Arabia kwi-Al-Shabab kodwa wayesekhulile futhi kungasekude athathe umhlalaphansi. 

“Ukube bengiyimenenja yakhe, bengingeke ngithumele ingane eneminyaka engu-20 eSaudi Arabia. Ubani ozombona lapho?”

UWilliams ukholwa ukuthi uMohau Nkota ubezohlomula kakhulu ngokuthuthela kwelinye lamazwe ase-Europe.

“IFrance noma iBelgium bekufanele kube yiyona ndlela yakhe,” kuqhuba le ngwazi. “Ukusuka lapho, ubezobe esesondele kulamigi amakhulu ase-Europe.”

Uxwayise ngokuthi iSaudi Arabia ivamise ukuba yindawo yabadlali asebekhulile abasondela ekupheleni kwemisebenzi yabo, abafuna ukuzenzela imali nje.

“ESaudi, uzodlala nabadlali abadala. Yilapho uya khona eminyakeni yakho yokugcina ukuze ugaye imali.”

UWilliams wengeze ngokuthi lesi sinyathelo singase siphazamise amathuba kaNkota eqenjini lesizwe.

“Ubani ozomhlola eSaudi? Asiyitholi iTV yaseSaudi lapha. Ngeke angene kwiBafana kanjalo.”

Noma kunjalo, le ngwazi imfisele inhlanhla uMohau Nkota.

 “Ngimfisela inhlanhla umfana. Kodwa lo mnyakazo wakhe ngowemali nje — hhayi ukumsiza ngokwebhola.”