
Inhlokomo abaqeqeshi beKaizer Chiefs bethola iziqu eziphezulu
IKaizer Chiefs isihalalisele abaqeqeshi bayo abathathu kulandela ukuthweswa kwabo iminyezane yeziqu eziphezulu zokuqeqesha.
URory Minnaar, uJimmy Jambo no-Unathi Mabena bonke bathole iziqu zeCAF A License.
Lezi ziqu zibavumela ukuthi baqeqeshe ezingeni eliphezulu ebholeni lase-Afrika nelamazwe ngamazwe.
Umqondisi wezemidlalo uKaizer Motaung Jr. uncome le mpumelelo, egcizelela ukubaluleka kwayo kwikusasa leqembu.
“Siyaziqhenya kakhulu ngabo. Lokhu kuyimpumelelo emangalisayo eqenjini nakubadlali bethu,” kusho uMotaung Jr.
UMinnaar usebenza njengomqeqeshi wonozinti esikhungweni sokukhulisa amakhono kule kilabhu ezinze eNaturena.
Lezi ziqu zimenza omunye wabaqeqeshi abaneziqu ezikhethekile abagxile ekucijeni onozinti eNingizimu Afrika.
UJambo, wayengumdlali weChiefs futhi usesebenze ezinhlakeni zokuthuthukisa amakhono isikhathi eside la elolonga khona iqembu lika-Under 15.
U-Unathi Mabena (osesithombeni ) nguye umqeqeshi weqembu labesifazane elisanda kwethulwa iKaizer Chiefs Ladies.
UMotaung Jr. ugcizelele isidingo sokufunda okuqhubekayo ebholeni lesimanje.
“Ibhola lesimanje lidinga ukuthi abaqeqeshi bahlale benolwazi lwakamuva ngentuthuko yakamuva.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi ukuqeqesha okusezingeni eliphezulu akutholakali eqenjini elikhulu nje kuphela…
“Kodwa sifuna libe kuwo wonke amaqembu ayisikhombisa amele iKaizer Chiefs ezigabeni ezehlukene,” kwengeza uMotaung Jr.
Laba bobathathu manje sebejoyina abanye abaqeqeshi abaneCAF A ngaphakathi ezinhlakeni zaMakhosi.
IGlamour Boys ikholwa ukuthi lokhu kuthuthukiswa kolwazi lwabaqeqeshi kuzosiza ekuthuthukiseni isizukulwane esilandelayo sezihlabani zeqembu.
