
UDance unecebo lokuquma phansi u‘Goliyathi’ oyiDowns
- Alfred NGUBANE
Umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan “Dance” Malesela, usephumele obala ngokuthi akayishi nhlobo iMamelodi Sundowns.
UDance ukusho lokhu nje ezakhe zizobhekana neSundowns emdlalweni weCarling Knockout Cup owandulela owamanqamu ngeSonto.
Lo mdlalo uzoba seDr Petrus Molemela Stadium okuyikhaya elisha leGallants kanti uzoqala ngo-3 ntambama.
Elizonqoba kulo mdllalo lizob eseliyobhekana neMagesi FC kowamanqamu njengoba yona ishaye iRichards Bay ngoMgqibelo.
ISundonws ayixoleli kulo mqhudelwano. Iwuvule ngokubhuquzisa iGolden Arrows ngo 5-0 emzuliswaneni wokuqala.
Kowesibili ibukise ngeKaizer Chiefs, iyibhubhisa ngo 4-0 njengoba manje sekuyiGallants elandelayo.
Kodwa uMalesela uthi iSundowns ayogawula ibheke ngeoba iGallants akuyona iChiefs lena eyazihubuluzela isobho kuyo.
Ukhiye walokhu kuzethemba kwakhe? Wukuthi ukususile ukwesaba kubadlali bakhe, wabatshela ukuthi iSundowns izobe ibophele abadlali anagu-11 nayo.
“Alikho iqembu elingashayeki kwiPSL. Uma ngabe uzihlele kahle, wonke ayashayeka,” kusho uMalesela ngokuzithemba.
Mhlawumbe kumfanele ukuzethemba uMalesela njengoba ekwazile ukuwashisa ompetha balo mqhudelwani bangesizini edlule, iStellenbosch FC emzuliswaneni odlule.
Uma engakwazi ukususa iSundowns endleleni yakhe, uMalisela kuzobe ulandele uClinton Larsen ngokuqopha umlando.
Phela neGallants, njengeMagesi, ikwisizini yayo yokuqala esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli.
