Bafana BafanaEzintsha

Ingxube yemizwa: UBroos uphawula ngokuqoka eleWorld Cup

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uthi ukukhetha isikwati sokugcina azoya naso kwi-World Cup yinto emlethele ingxube yemizwa.

Uthi emasontweni ambalwa edlule uzithole enomuzwa wenjabulo nowokukhathazeka kanyekanye.

UBroos uveze ukuthi ukuhlanganisa uhlu lokuqala lwabadlali abangu-50 kube yinto elula nejabulisayo.

Kodwa ukulunciphisa isibalo kuthande ukuba nzinyana kulo mqeqeshi owaziwa ngelikaMadala.

“Kube yisikhathi esijabulisayo kimina emasontweni ambalwa edlule ngesikhathi senza uhlu lwabadlali abangu-50. 

“Bekulula lokho,” kusho u-Hugo Broos ngokuqoka iqembu lakhe lokuqala aozhlungela kulo isikwayi se-World Cup.

“Kodwa ukukhetha abadlali okufanele beze ekhempini ngoMsombuluko bekunzima kakhulu.”

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi umsebenzi onzima kakhulu usazoqhubeka lapho esememezela iqembu lokugcina labadlali abangu-26 ngoMeyi 27.

“Nginesiqiniseko sokuthi kuzoba nabadlali abangeke bajabule,” kuqhuba uMadala. 

“Abanye bazodumala kakhulu, kodwa lokho yinto okufanele ngiyenze.”

UHugo Broos, nokho, uthi uyalethemba iphini lakhe uHelman Mkhalele ukuthi lizomsiza athathe izinqumo ezifanele.

“Nginephini elikahle kuHelman. NgoMsombuluko nangoLwesibili sisazoba nemihlangano yokuqinisekisa ukuthi sikhetha abadlali abafanele,” kuqhuba uBroos.

Abalandeli balindele ngabomvu isimemezelo sesikwati esizoya kwi-World Cup e-United States, Canada naseMexico.

Lo mqhudelwano uqala ngoJuni 11 lapho iBafana izobhekana nosokhaya iMexico kwimpinda yomdlalo wango-2010.