Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

UMcKenzie nesithembiso esikhulu kwiBafana uma…

I-Bafana Bafana isithole isikhuthazo esikhulu semali njengoba uNgqongqoshe wezeMidlalo, u-Gayton McKenzie eseyithembise izindodla zemali.

Lo ngqongqoshe uthi iqembu lizothola u-R5 million ngomdlalo ngamunye eliwunqobayo kusukela koweSouth Korea kuya phambili kwiNdebe yoMhlaba.

Lesi sithembiso sifike ngemuva kokuba abafana bakaHugo Broos beqophe umlando ngokudlulela esigabeni somkhumulajezi okokuqala ngqa.

Sifike ngesikhathi iBafana ilungiselela ukubhekana neCanada eLos Angeles ngeSonto.

Ekhuluma nabadlali be-Bafana Bafana, u-Gayton McKenzie uthe umnyango wakhe usuzibophezele ekuklomeliseni iqembu ngemali enkulu uma liqhubeka nokunqoba.

Uthe le mali inganyuka kakhulu uma sekungene nezinkampani ezizimele zafaka isandla.

“Ngize lapha ukuzonitshela ukuthi kusukela emdlalweni eniwudlale izolo, umnyango uzonipha u-R5 million ngomdlalo ngamunye eniwunqobayo. 

“Kungenzeka le mali inyuke ngoba angikakhulumi nabaxhasi,” kusho uMcKenzie.

“Uma nihlula iCanada nizobe senino-R10 million. Uma niphinde ninqobe umdlalo olandelayo, okungenzeka kube neMorocco, nizobe senino-R15 million.”

Ungqongqoshe uphinde wathembisa ukuthi uzoya ezinkampanini ezinkulu zaseNingizimu Afrika ezifana neCoca-Cola neDiscovery ukuze nazo zifake isandla.

“Bayabaxhasa abadlali bombhoxo. Manje sekuyisikhathi sokuthi beseke iBafana Bafana,” kusho yena.

Njengoba umlando usubhaliwe, no-Gayton McKenzie esenze isethembiso esingaka kwi-Bafana Bafana,  isizoya emdlalweni wayo neCanada inokugqugquzeleka okwengeziwe.