
U-Eric Tinkler ‘ucasukile’, ufuna ukubhodlela kwiPirates
Umqeqeshi weSekhukhune United, u-Eric Tinkler usale engajabule futhi ethukuthele ngesikhathi iqembu lakhe lingakwazi ukunqoba ngempelasonto edlule.
Futhi manje u-Eric Tinkler usezimisele ngokuthi iqembu lakhe livuke lizithathe ngokushaya i-Orlando Pirates.
ISekhukhune izovakashela i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
Izongena kulo mdlalo inethemba lokuthi izowina ukuze ithole amaphuzu aphelele futhi iqinise indawo yayo kwilogi yeBetway Premiership.
Njengamanje iSekhukhune ihlezi endaweni yesithathu kwilogi ngamaphuzu angu-41 ngemuva kwemidlalo engu-24.
Emdlalweni wayo wokugcina, ibambane ngo 1-1 neTS Galaxy emdlalweni uTinkler abona bekumele bawunqobe.
U-Eric Tinkler usale ethukuthele ngemuva kwlaokhu kudlala ngokulingana neGalaxy.
Lokhu kungenxa yokuthi iqembu lakhe lihambe phambili kulo mdlalo obudlalelwa eDobsonville Stadium.
Kodwa libuye lavumela iGalaxy ukuthi ibuye ngemuva kwemizuzu emihlanu kade lihambe phambili.
UChiubuke Ohizu ubeke iBabina Noko phambili ngo 1-0 ngomzuzu ka-65, wabukeka sengathi bazowunaoba umdlalo.
Kodwa uKamogelo Sebelebele ulinganisile ngomzuzu ka-70, eqinisekisa ukuthi iGalaxy igcina okungenani iphuzu elilodwa emdlalweni wayo wasekhaya.
Ukunqoba bekuzokwenza iSekhukhune ifinyelele emaphuzwini angu-43, bese isala ngamathathu ngemuva kwePirates esenemidlalo emine engakayidlali.
“Lokhu bekufanele kube ngolula emidlalweni yethu emihlanu yeligi esele,” kusho u-Eric Tinkler obecasukile ngemuva komdlalo.
“Bengithembele emaphuzwini amathathu kulo mdlalo ngaphambi kwaleyo eqinile ezayo, kusukela ngokuvakashela i-Orlando Pirates ngoLwesithathu.”
Kodwa njengoba i-Orlando Pirates nayo ibuye ithuka izanya ngemuva kokuhlulwa ngo 3-2 yiPyramids FC kwiCaf Champions League, u-Eric Tinkler kuzomele azibambe ziqine.
Lo mdlalo uthembisa ukuthi uzoba ngomunye wemidlalo emnandi njengoba iPirates ibheke ukungaqheli kakhulu kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili.
