
Ingwazi isabisa iDowns ngenqwaba yo‘Junior Dion’ bePirates
Owake wadlala kuwo womabili amaqembu azodlala owamanqamu weMTN8, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns usexwayise aMasandawana.
U-Albert ‘Bashin’ Mahlangu uthi njengoba iSundowns ike yamiswa kabi uSede Junior Dion weGolden Arrows, kuzoyishubeka kakhulu uma seyibhekene neBucs.
Le ngwazi ithi iPirates inenqwaba yo‘Junior Dion’ eqenjini layo futhi bazoyithwalisa uthayela kunomoya iSundowns eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
“Nginalo lona uvadlwana,” kuvuma le ngwazi eyayidume ngokudedela odalimede amashodi ngezikhathi zayo kwiKickOff.
“Kodwa udonga lwasemuva lweSundowns luyanwabuzela. Futhi njengoba engekho uKhuliso Mudau, luzobe lushaya ngolonwabu kakhulu.
“Wabona ukuthi lwaluthwele nzima kanjani ukuvimba umgadli weGolden Arrows uJunior Dion?
“Thina kwiPirates sinoJunior Dion abangaphezu kwabahlanu kubadlali bethu abahlaselayo.”
Nokho uyavuma ukuthi i-Orlando Pirates izothwala kanzima kwazise iSundowns izobe ibheke ukubuyisa izinduku njengoba yahlulwa igcina ukubhekana nePirates kowamanqamu.
“Kuzoba ngumdlalo onzima lona njengoba iSundowns isaneminjunju yokuthi sayihlula eMbombela.
“Lona ngumdlalo okungadingeki kuwo abazothatha amashansi. Akuwona owezimfundamakhwela.
“Kunzima ukuwuqagula lo mdlalo,” kwengeza uMahlangu othe yize adlala kuwo womabili lamaqembu, kodwa uyiBhakabhaka lokuqina.
- FUNDA NALA | OwePSL nokwenza bathande iTheku ngeyamanqamu
Ube esenxusa umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou ukuthi abophele okungenani oyedwa phakathi kukaThalente Mbatha noMakhehleni Makhaula esiswini.
Uthi lokhu kuzosiza ukuqinisa ukuze oMarcelo Allende noTeboho Mokoena bangazenzeli umathanda, futhi balawule umdlalo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
