DStv Premiership

UMaela ungene emabhukwini omlando wePirates

Ukuzibophezela, ukuzimisela ngaso sonje isikhathi, nokuthembeka yiyona ndlela yokuchaza umsebenzi ka-Innocent Maela kwi-Orlando Pirates. 

Lo kaputeni oneminyaka engu-32 ubudala usengene emabhukwini omlando waleli qembu njengoba esengomunye wabambalwa abadlale imidlalo engu-200.

Udlale umdlalo wakhe ka-200 ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi beshaya iChippa United ngo 2-1 koweBetway Premiership e-Orlando Stadium. 

UMaela ungene umdlalo usuzophela kodwa bekuwubusuku obubalulekile emsebenzini wakhe webhola. 

Uhambo lukaMaela’ luqale enkulisa yePirates, lapho ayenabaningi benethemba nephupho lokugcina benyukele eqenjini elikhulu. 

Uqale ukudlala eqenjini elikhulu ngo-Okthoba ka-2017 bebhekene neLamontville Golden Arrows. 

Ebuka lapho esuka khona, uMaela uvumile ukuthi ukufinyelela kuleli zinga akulo kumumangazile kwayena. 

“Ngesikhathi inkulisa yeqembu, umgomo wami wokuqala engangizibekele wona kwakuwukuthuthuka njengomdlali. 

“Angizange ngicabange ukuthi ngizodlala eqenjini elikhulu,” kusho uMaela kwiwebhusayithi yePirates. 

“Ukumela ikilabhu izikhathi eziningi kangaka kuyinto engenza ngizizwe ngihloniphekile. 

“Le mpumelelo ngihlonipha ngayo bonke abadlali benkulisa esasinabo abangazange balithole ithuba lokudlalela eqenjini elikhulu.”

Ngokuhamba kweminyaka, uMaela ube nezikhathi ezibalulekile zempumelelo kuleli qembu. 

Kusukela ekushayeni iKaizer Chiefs kwiSoweto Derby kuya ekuholeni iqembu njengokaputeni, amagalelo akhe aqinise indawo yakhe emlandweni wale kilabhu. 

“Enye yezinkumbulo engizikhonzile ukushaya igoli kwidabhi,” kukhumbula yena. 

“Kodwa ukuqokwa njengokaputeni kwaba yinto enkulu. Kubonisa indlela ozakwethu abangibona ngayo njengomholi.”

KuMaela, ukuphakamisa izindebe njengokaputeni kube yinto enkulu. 

Uhambo lwakhe olusuka enkulisa ukuya ekubeni ngukaputeni, ephakamisa izindebeeqenjini, yinto ayithandayo. 

Kodwa manje usagxile kwikusasa ngoba kuningi asafisa ukukuzuza nePirates ngaphezu kwalokhu asevele enakho. 

“Njengomdlali omdala, umsebenzi wami manje ukusiza abadlali abancane,” kusho yena. 

“Ngifuna ukufaka isandla ekuthuthukisweni kwabo futhi ngibasize bazinze eqenjini, njengoba kwenza abanye kimi.”

UMaela uphethe ngokugcizelela ukubaluleka kokuqhubeka nokufunda nokukhula.

“Asisoze sayeka ukuzithuthukisa. Ngifuna ukuqhubeka ngizinikele eqenjini futhi ngisize abancane bazethembe.”

Ukudlala kuka-Innocent Maela imidlalo engu-200 kwi-Orlando Pirates kuwubufakazi bokuzikhandla nokuzinikela kwakhe.

Futhi manje usezibophezele ekusizeni ukuthutukisa isizukulwane esilandelayo sabadlali.