
Isenzo sesikhulu seChiefs siqubule imibuzo ngoNabi
Ngesikhathi uNasreddine Nabi ekhuluma ngokuthi uzodinga isikhathi esengeziwe, isikhulu esiphezulu seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior wavele waphuma.
Lesi sigameko esenzeke eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto edlule kanti sesiphakamise imibuzo mayelana nokwesekwa komqeqeshi ngabaphathi.
UNasreddine Nabi ulethwe kunethemba elikhulu lokuthi uzojika izinto kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwale sizini.
Uvunyelwe ukuletha ithmba lakhe elizomsiza kulo msebenzi waphinde wakhetha nabadlali afuna ukusebenza nabo.
IKaizer Chiefs iphinde yahlela okokuqala ikhempu lokuzilolongela isizini eTurkey lapho uNasreddine Nabi ahlangana khona neqembu lakhe okokuqala.
Kodwa ngokwemiphumela, iqembu lehlile futhi indlela elidlala ngayo ayijikile kangako futhi ukungena kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup kuphela okulokozisa uthemba.
Akukacaci ukuthi uMotaung Junior ucasulwe isicelo sikaNabi sokunikwa isikhathi esengeziwe ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili ephethe, noma kwaqondana nje ukuthi waphuma ngaleso sikhathi.
Kodwa kuqubule umsindo ngokuthi lo mqeqeshi akasethenjwa kahle ngabaphathi beqembu.
Kuphinde kwaba neziphakamiso zokuthi uNabi udinga iphini lakuleli ethimbeni aqeqesha nalo, kodwa yena wawuchitha lowo mbono.
“Ngiyaphinda, ikhono alinabo ubuzwe,” kusho yena ngemuva kokuhlulwa yiGolden Arrows uma ebuzwa ngalokhu.
“Uyangizwa? Futhi ngaphambi kokuba ngifike lapha eNingizimu Afrika, ngahlaziya wonke amakilabhu e-PSL nebhola lakuleli.
“Uma ugqoka leli jezi (ekhomba ibheji leChiefs), ungowaseNingizimu Afrika, uyiKhosi,” kwengeza uNabi.
Amahlebezi aqhubekayo aveza ukuthi uNasreddine Nabi kumele aqede kuTop 8, afinyelele kowamanqamu weNedbank Cup ukuze agcine umsebenzi wakhe.
Kubonakala sengathi ikusasa lakhe kule kilabhu manje selincike ekutheni afeze lokho, noma kungase kudingeke apakishe ahambe.
Yilokho vele abanye abalandeli asebeqalile ukukucela, ukuthi akashiye leli qembu labo ngokuthula.
