
UMtshali ufuna iDurban City ilwe yize seyiseduze ‘nezulu’
Umakadebona kanozinti u-Ayanda “Pepe” Mtshali uzimisele ngokubuyela esigabeni esiphezulu ne-Durban City.
Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala uthi ukuwabeka ethala amagilavu akhe akuyona into esemqondweni wakhe okwamanje.
I-Durban City izihola phambili kuMotsepe Foundation Championship (MFC) ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
Njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa kuphela, amathuba ayo okukhushulwa esigabeni esiphezulu abukeka emahle kakhulu.
U-Ayanda Mtshali ugcine ukudlala kwiBetway Premiership ngo-2021 neChippa United, manje usebheke ukubuya ne-Durban City.
“Ukuphinde ngidlale kwiPremiership kungaba wukufezeka kwephupho,” kusho uMtshali kwiSowetan.
Useke wadlalela amakilabhu afana neBlack Leopards, iFree State Stars, neBloemfontein Celtic phambilini.
Lo makadebona kanozinti ukholwa ukuthi useneminyaka eminingi esele asengayidlala.
U-Ayanda Mtshali uthi ukulambela kwakhe impumelelo kungenxa yendlela enzima kakhule ngayo ngenxa yesimo esingesihle ekhaya.
“Ngisafuna ukudlala. Umzimba wami nenhliziyo kuyavumelana nami. Ngiphuma ekhaya elimpofu.
“Ngakho ngisebenzela umndeni wami. Ukuthatha umhlalaphansi akukangifikeli nhlobo engqondweni yami,” uqhube kanje.
Yize i-Durban City ihamba phambili ngegebe elihle, u-Ayanda Mtshali uxwayisa ngokuthi iqembu kumele lihlale liqaphile.
“Ukuhamba phambili kuhle, kodwa asikasinqobi isicoco okwamanje. Akumele siphumule.
“Umgomo esizibekele wona owokunqoba yonke imidlalo kuze sikhuphukele esigabeni esiphezulu,” kwengeza yena.
I-Durban City njengamanje idinga amaphuzu angu-14 kule midlalo esele ukuze inqobe isicoco.
Nokho u-Ayanda Mtshali usaqaphile, egcizelela ukuthi akukho okuqinisekisiwe ebholeni.
“Ngeke sikwazi ukuzithela ngabandayo. Kufanele siqhubeke nokuphusha size siqede umsebenzi ngokugcwele.”
UMtshali uphinde wancoma ithimba labaqeqeshi ngeqhaza labo empumelelweni yeqembu.
Umqeqeshi oyinhloko uSimo Dladla nephini lakhe uPitso Dladla uthi bafike nolwazi olubalulekile lwalesi sigaba abadlala kuso.
“Ulwazi lwabo lwale ligi lubalulekile. Badlale indima enkulu ekusebenzeni kwethu kule sizini,” usho kanje.
Njengoba isizini isizophela, uMtshali usazimisele. Iphupho lakhe lokubuyela kwiPremiership sekuseduze lifezeke.
