
Kuchachambe ufa oludala, kwabaleka uJose Riveiro
Ukuthi uJose Riveiro ngeke ayelule inkontileka kwi-Orlando Pirates yinto abadlali nabasondelene neqembu asebenesikhathi beyazi futhi abebeyilindele.
I-Orlando Pirates ikumemezele ngoLwesine ntambama ukuthi uJose Riveiro usenqume ukungayivuseleli inkontileka uma iphela.
Lokhu kubashaqisile abalandeli, futhi abaningi bayakhala ngokuthi kungani ikilabhu ingamncengi ukuthi aqhubeke.
Phela umsebenzi walo mqeqeshi ubusemuhle njengoba esephendule leli iqembu elinye ladlala kahle hhayi eNingizimu Afrika nje kuphela, kodwa nasezwenikazi.
Kumanje uJose Riveiro unezindebe ezinhlanu azinqobe ne-Orlando Pirates kanti usasethubeni lokwengeza ezinye ezintathu.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain wenqabile ukuveza izizathu ezenze engafuni ukuqhubeka nalo msebenzi abewenza ngempulelo emangalisayo.
Uthe okwamanje usacela ukugxila emsebenzini osele ngoba isizini isekude ukuphela futhi kusenemidlalo eminingi okumele idlalwe.
Yena uzoshiya uma kuphela inkontileka ekupheleni kwale sizini, okusho ukuthi kusasele izinyanga okungenani ezimbili.
Nokho iLisenethini ibe seyithola ngemithombo yayo ukuthi into ehambisa lo mqeqeshi wukuthi ubengasahlalisekile.
“Hhawu, yisifo esidala esahambisa nabanye… Bese kuvukile ukuthi kube khona abamhlebelayo ukuthi akadlalise noma angadlalisi bani.
“Yize ubevele ekhumbula umndeni wakhe, kodwa lokhu kube nzima kakhulu kuye ukukuqonda ukuthi uzosebenza kanjani esimweni sokulawulwa.
“Mina ngezwa ngomunye umdlali cishe ezinyangeni ezintathu ezidlule ukuthi uyahamba,” kusho lo mthombo osidonse ngendlebe ukuthi singawudaluli.
Uqhube wathi empeleni ngabe uhambe ngoJanuwari uRiveiro ukube bekuya ngaye.
“Lo owangitshela wayelindele ukuthi ahambe maphakathi nesizini,” kuqhuba umthombo.
“Kodwa kusho ukuthi uncengekile ukuthi okungenani akaqedele isizini ukugwema ihlazo ebelizoba khona uma eshiya maphakathi nesizini.”
