
UDladla udalula akuhlose kwiGolden Arrows
Umqeqeshi omusha weGolden Arrows, uPitso Dladla, uthi ufuna ukwakha iqembu elizolwela izicoco njengoba eqala umsebenzi wakhe wokuhola Abafana Bes’thende.
UDladla uqokwe esikhundleni sikaManqoba Mngqithi, ohole i-Arrows yaqeda endaweni yesithupha kwiBetway Premiership ngesizini edlule.
Lo mqeqeshi uthe ujabule kakhulu ngokujoyina i-Arrows futhi akuthathanga sikhathi ukuzijwayeza njengoba esasebenza eThekwini.
“Ngijabule kakhulu ukuba lapha futhi bekulula ukuzivumelanisa nesimo salapha,” kusho yena.
“Ngizizwa sengisekhaya ngoba ngiseseThekwini futhi ngibazi kahle abaningi balaba badlali.”
Uthe into ebaluleke kakhulu kuyena njengamanje wukuba neqembu futhi ayilungiselele kahle isizini entsha.
“Okubalulekile wukuba nesikhathi esihle sokulungiselela isizini,” kuqhuba yena.
“Uma silungiselela kahle, lokho kuzosisiza kakhulu uma iligi isiqala.”
U-Pitso Dladla uthe ufuna ukukhipha okuhle kubadlali bakhe kwi-Golden Arrows futhi akhe ubumbano eqenjini.
“Okubalulekile wukuthola okusemandleni kubadlali nokuba sibumbane.
“Uma singakwazi ukwenza lokho, sizobe sesithathe isinyathelo sokuqala esiya empumelelweni.”
- FUNDA NALA | Uyashiya uMayele kwiPyramids
IGolden Arrows izoqala isizini ka-2026/27 ngomdlalo neChippa United ngo-Agasti 1.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
