EzintshaMamelodi Sundowns

Ingabe abadlali abalawulayo kwiDowns? UCardoso uyaphendula

UMiguel Cardoso usephawule ngesikhathi esisuse izinkulumo la uKhuliso Mudau ebonakale elayela lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns ngokumele akwenze.

Lesi sigameko senzeke emdlalweni weCAF Champions League bebhekene ne-Espérance de Tunis ngempelasonto edlule.

UMiguel Cardoso ubelungiselela ukwenza izinguquko ngesikhathi uMudau egijima eya kuye eyomkhuza ngabefuna ukukwenza.

Lo mqeqeshi ubefuna ukufaka umgadli u-Iqraam Rayners, kodwa uMudau wamkhuza wathi badinga isitobha njengoba umdlalo ubusutshekele ngakubo.

Lokhu bekulandela ukuthola ikhadi elibomvu kukaGrant Kekan odlala emuva. 

Ekhuluma ngalesi sigameko, uMiguel Cardoso uchaze lesi sigameko njengesikhombisa ukusebenzisana okukhona eqenjini.

“Njengoba abadlali bewuqonda umdlalo enkundleni, okungcono umqeqeshi angakwenza ukuvumela ukusizwa yibo,” kusho uCardoso. 

“Konke esikwenzayo — ukuhlela amaqhinga, izinqumo, nokunye — kuyaxoxwa ngakho.

“Ubonile ukuthi besilungiselela izinguquko, kwase kuba nekhadi elibomvu. Kwadingeka sijike izinto ngokushesha. 

“Ebengingakufuni wukuthi sigxile ekuvikeleni leli goli elilodwa esinalo. 

“Indlela engcono kakhulu yokuvikela ukuthi siphathe ibhola bese silawula umdlalo.” 

Yize evuma ukuthi umbono kaMudau usebenzile, uMiguel Cardoso umile kwelokuthi isinqumo sokugcina sikuye.

Umlenze wesibili walo mdlalo uhlelelwe uMgqibelo eLoftus Stadium kanti uzoqala ngo-3 ntambama. 

Amathikithi omdlalo abesevele edayisiwe aphela ngoLwesihlanu ekuseni.