EzintshaMamelodi Sundowns

Kuyabhimba kofike kwiMamelodi Sundowns ethwelwe ngeqoma

Efika kwiMamelodi Sundowns, bekubhekwe ukuthi angase avale isikhala sikaLucas Ribeiro olaxaze leli qembu kabuhlungu. 

UMiguel Reisinho ufike kwiMamelodi Sundowns ngasekuqaleni kwesizini kanti bekunconywa ubuchule nekhono lakhe.

Kodwa kuze kube manje lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala akakabi nomthelela obonakalayo eqenjini likaMiguel Cardoso. 

Into emgqilaze kakhulu wukuthi ufike wathola ukuthi uzobanga indawo noMarcelo Allende noJayden Adams esiswini. 

Njengoba esadlale imidlalo engu-13 kuphela kuyo yonke imiqhudelwano, lo mdlali wasePortugal ushaye amagoli amabili. 

Nakule midlalo ayidlalile, bekuba yilapho iSundowns idlala khona anamaqembu amancane njengeMarumo Gallants ne-Orbit College.

Udlalile nakwiNedbak Cup ngesikhathi bebhekene neGomora United okuyiqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Ukweqiwa kwakhe yijezi kwiMamelodi Sundonws sekuqubule ukungabaza ngekusasa lakhe kulelu qembu.

Sekuvele ukuthi aMasandawana acabanga ukumdedela ukuze avule isikhala somdlali wangaphandle uma eseqinisa iqembu ngesizini ezayo.

Ngesikhathi uReisinho yena edonsa kanzima futhi ikusasa lakhe licikiza, uzakwabo wasePortugal uNuno Santos yena usengomunye wabadlali abamqoka kwiMamelodi Sundowns.

Njengoba isizini isibheke emaphethelweni, sekulindeleke ukuthi iSundowns ithathe isinqumo ngaye.