
Mngqithi: Kuyishwa lokho, kodwa yiqiniso
- Sibongiseni GUMBI
UManqoba Mngqithi uthi akakazukutatazela yize zimnetha njengoba isizini ingaqalanga kahle kuye njengomqeqeshi omkhulu weMamelodi Sundowns.
EzikaMngqithi ziwashiswe ijezi yiStellenbosch FC kwiMTN8, izishaya ngo 2-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.
Ekhuluma ngemuva komdlalo womlenze wesibili obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngeSonto, uMngqithi uzwakale engakhathazekile kangako.
“Angizutatazela, kodwa okungenza ngingenami wukuthi iqembu ebesilisebenza silungiselela isizini, neqembu elidlalayo manje alihlangani.
“Akungeneki egiyeni esilibhekile – kuyishwa kodwa yiqiniso. Sinenkinga ngabadlali bethu ababalulekile.”
Yize iphinde yaguqa, uMngqithi uthi ngokomdlalo uwubonile umehluko omncane kunasemdlalweni womlenze wokuqala.
“Ngicabanga ukuthi ukudlala kube ngcono namuhla, kodwa besingebukhali ngendlela efanele,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo.
“Sigcine singakwazi nokukhahlelela ipali ezindaweni la sesisondele kulo.
“UMudau ube neshwa amahlandla amabili. Nasesiwombeni sesibili asizange sakhe amathuba acace kahle.”
Uvumile ukuthi iStellies besinomdlandla ukwedlula ezakhe kulo mdlalo, nokuyikho okube wumehluko.
“Kumele sibancome, badlale kahle futhi bakhombise ukukulambela ukunqoba, cishe ngaphezu kwethu.”
Manje uMngqithi sekuzomele ayolungisa la ebona kuxega khona alungele ukuqala kweBetway Premiership.
Nokho umdlalo olandelayo weSundowns ngoweCaf Champions League okumele iwusebenzise ukubuyisa ukuzethemba.
Izobhekana nezinkunzi zaseSwatini, iMbabane Swallows ngoSepthemba 13 enkundleni esazoqinisekiswa.
Ngemuva kwalokho iyobe seyiqala umkhankaso wePremiership ngokubhekana nomakhelwane iSuperSport United ngoSepthemba 17.
