Betway PremEzintsha

Inenhlanhla noma ingadlali kahle iMamelodi Sundowns

Ngaphezu kokuthi ivele ihlangene futhi idlala kahle, kuphinde kwavela ukuthi iMamelodi Sundowns inenhlanhla.

Leli qembu laseChloorkop libuyele eqhulwini kwilog yeBetway Premiership futhi selivule igebe lamaphuzu amabili kwi-Orlando Pirates. 

Ibuyele phezulu ngemuva kokushaya iMarumo Gallants ngo 2-1 emdlalweni weligi obuseLoftus Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

IGallants beyiyixine ngampela kulo mdlalo, futhi kunqabe yona nje inhlanhla ukuthi ingaphumi okungenani nephuzu elilodwa. 

Igoli lokuqala leMamelodi Sundowns libe umkhonto ogwaza ekhaya kaSiphosakhe Ntiya-Ntiya obethi ukhupha umhlola ekhaya kodwa ibhola ladla inethi yangakubo.

Kuyiwe ekhefini isilinganisile iGallants ngegoli okube yiphenathi evalelwe enethini nguNdabayithethwa Ndlondlo. 

Kuthe isibheke ukuthola elesibili esiwombeni sesibili, yenza iphutha emuva ipha iSundowns ibhola, laphetah ngokuthi uTeboho Mokoena ashaye elesibili.

Iqhubekile nokuzama iGallants, kodwa kwacaca ukuthi inhlanhla ikwiMamelodi Sundowns njengoba ingalitholanga igoli lokulinganisa.

Kuthe isalifuna, yangenelwa yigoli lesithathu, uMokoena ededela ishodi engaphandle kancane kwebhokisi, layokhalakathela enethini.