
Lithini ikusasa likaDe Reuck kwiSimba, imenenja iyacacisa
Isikhathi sikaRushine De Reuck neziqhwaga zaseTanzania iSimba SC sibonakala sizoba sifushane.
Lokhu kuvele ngemenenja yakhe, uPaul Mitchell esiqinisekise ukuthi inkontileka yalo mdlali wasemuva ngeyonyaka owodwa nje kuphela.
Ugcizelele ukuthi akukho mbandela wokuthi leli qembu laseTanzania liyelule le nkontileka uma iphela ngoJuni.
Ukuphawula kukaMitchell kuphakamisa imibuzo mayelana nekusasa lesikhathi eside likaRushine De Reuck kule kilabhu, kungakhathalekile ukuthi udlale kanjani kule sizini.
“Uye laphaya unyaka wokuzidela. Kuzoba wunyaka owodwa kuphela. Awukho umbandlea wokwelula inkontileka.
“Ngakho-ke anginaso isiqiniseko sokuthi uzohlala ngale kwayo, kodwa sizobona ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMitchell.
Lo mdlali wasemuva udedelwe yiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule, wabe esedlulela kwiSimba SC, elwela izicoco zasekhaya nezezwekazi.
UMitchell ugcizelele ukuthi okubalulekile njengamanje wukuthi agxile ngokuphelele emsebenzini wakhe kwiSimba.
“Ngiqonde ukuthi udlala kwiChampions League. Ngethemba ukuthi uzokwenza kahle kwiChampions League futhi anqobe iligi neSimba kulo nyaka.
“Kulapho ke esizobe sesibona ukuthi kwenzekani ekupheleni kwesizini,” kusho le menenja.
FUNDA NALA | Imenenja icacisa eyokubuya kukaDortley kwiChiefs
Lokhu kusho ukuthi iSimba SC kuzofanele isheshe iyikhulume eyenkontileka entsha noma ibe sengozini yokulahlekelwa yilo mdlali wasemuva onamava.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
