
Imidlalo enzima iyayiqinisa iPirates – Jose Riveiro
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates ibhekene nengcindezi yemidlalo emithathu okufanele iyinqobe ekuqaleni kwesizini, iyalisiza ukuliqinisa leli qembu.
Lokhu kuvezwe wumqeqeshi uJose Riveiro, othi ukuthwala kanzima zisuka kufaka abadlali bakhe umuzwa ofanele.
IPirates iguqise iSuperSport United ngo 3-1 kwiMTN8 ukuze izibekisele indawo kowandulela owamanqamu.
Isizobhekana neCape Town City emlenzeni wokuqala eCape Town Stadium ngoLwesibili (7pm) bese kuba yi-Orlando Stadium emlenzeni wesibili ngoMgqibelo.
URiveiro ubuzwe ngokuthi iBucs isizuzeni emidlalweni yayo emithathu esezingeni eliphezulu.
“Ngicabanga ukuthi yisizini exakile njengamanje. Sesidlale ‘eyamanqamu’ emithathu.
“Kodwa iligi ayikaqali futhi ibhola alikaqali emaqenjini amaningi e-PSL,” usho kanje.
“Kube yithuba lokuthi sikhule ngokwedlulele. Ngenye yezinto esingazenza kangcono njengeqembu.
“Ngeke sizifihle njengamanje ngoba wonke umlandeli webhola usibhekile njengoba kungekho elinye iqembu elidlalayo.
“Ngakho-ke ngicabanga ukuthi uma ufuna ukubona ibhola eNingizimu Afrika njengamanje kukhulunywa ngePirates.
“Futhi abafana benza umsebenzi omuhle. Bakwazile ukuthola imiphumela, baphinde bathola elinye ithuba lokudlala kowandulela owamanqamu (weMTN8) nokuba yiqembu elisemzuliswaneni olandelayo kwiChampions League).
“Ngakho-ke ngicabanga ukuthi kuhle ekuvuthweni futhi yilokho okumele sikusebenzise kule midlalo emithathu yokuqala yesizini.”
Le midlalo emihlanu ezobe seyidlalwe yiPirates ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa ngoSepthemba, ingaba yithuba elihle lokuzilungiselela kwiPirates.
OLUNYE UDABA: URiveiro uveza akulindele ku‘Vududu’ lweBucs
Phela ibhekiwe ekutheni ishenxise iMamelodi Sundonws kwiligi ngesizini ezayo.
