Ezintsha

IChiefs kaStanton Fredericks isigxale umqeqeshi

Leli qembu lidlala kwiFNB Premiership eBotswana kanti usihlalo walo nguStanton Fredericks owazakhela igama kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kuleli.

Leli qembu elaziwa ngeMagosi, noma iMaaparankwe, isendaweni yesihlanu kwilogi yeBotswana FNB Premiership.

Lisilele ngamaphuzu ayisishiyagalombili eqenjini elizihola phambili futhi elinqompetha abavikela isicoco seligi eBotswana iGaborone United.

UStanton Fredericks, kuvela ukuthi nguye ozohlunga abaqeqeshi njengoba iChiefs ithungatha ozongena esikhaleni sikaMoloi.

Ngaphansi kukaMoloi, umdlali wePirates obolekiswe kuleli qembu uTefo Mofokeng ubengomunye wabalithola njalo ijezi futhi benza kahle.

UMoloi ushintshe lo mdlali emyekisa ukudlala emuva kwesokudla, wamdlalisa ophondweni la efike wakhombisa ukuba bukhali khona eshaya namagoli.

ICentre Chiefs izobuyela enkundleni ngoJanuwari 25 uma seyiyobhekana neTafic emdlalweni weligi isinomqeqeshi omusha.