URiveiro uveza akulindele ku‘Vududu’ lweBucs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ulindele ukuthi uKarim ‘uVududu’ Kimvuidi awasebenzise ngokugcwele amathuba anikwa wona kule sizini.
URiveiro ukhulume ngemuva kokuthi uKimvuidi eshaye igoli esiwombeni sesibili iPirates ihlula iDisciples FC ngo 4-0 koweCaf Champions League.
Lona bekuwumlenze wesibili womzuliswano wokuqala, obuse-Orlando Stadium ngoLwesihlanu.
Kuze kube manje kule sizini, uKimvuidi usedlale imizuzu engu-60 emidlalweni emithathu esadlalwe yiBucs, kuyo yonke ubesuka ebhentshini.
U-Riveiro ubona amandla amakhulu kulo mdlali waseDeR Congo, oneminyaka engu-22, futhi ulindele lukhulu kuye.
“Ngicabanga ukuthi kungamsiza ukusebenzisa ngendlela efanele isikhathi asitholayo,” kusho uRiveiro kwiSABC Sport.
“Kunzima ukuthola isikhathi sokudlala kuleli qembu, ikakhulukazi endaweni lapho uKarim edlala khona, engomunye wabadlali abathathu phambili.”
URiveiro ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisa wonke amathuba okudlala avelayo.
“Njalo uma bengena enkundleni, ngisho kungaba imizuzu engu-12, 15, noma engu-30…
“Kufanele abadlali bakhombise ukuthi bangobani njengabadlali bebhola,” kwengeza yena.
“Kumele bakhombise ukuthi bakulungele kangakanani futhi bangadlali ngamathuba abo okuzibonakalisa.”
UKimvuidi, ojoyine iPirates ngesizini edlule esuka kwiMaritzburg United.
Akabanga nomthelela otheni njengoba ijezi ebelithola amacozucozu, kodwa ukwazile ukushaya amagoli amabili emidlalweni engu-22.
Kodwa-ke, uRiveiro ukholwa ukuthi leli goli lakhe lokuqala asheshe walishaya kule sizini lizokhulisa ukuzethemba kwakhe.
“Igoli likaKarim liyinto enhle kakhulu,” kuqhuba uRiveiro. “Lizomsiza ukuthi azethembe ngokuzayo, futhi kuhle kubalandeli ukumbona eshaya igoli.”
Yize uKimvuidi ejwayele ukubandakanyeka kakhulu emdlalweni wokwakha, uRiveiro ukhuthazwa inqubekelaphambili ayibonayo kuye.
“U-Karim usebenza kanzima, futhi ngicabanga ukuthi sonke sijabule ukumbona ejabule,” kuphetha lo mqeqeshi.
U-Kimvuidi kungenzeka aphinde athole elinye ithuba uma iPirates seyidudulana neCape Town City namuhla ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: ‘Indlala’ yedabhi yaseSoweto ekhonjwa kunyaka ozayo
Lamaqembu azovovana inkani emdlalweni weMTN8 eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.