Ezintsha

IMarumo Gallants ‘ize nenye’ iqasha umqeqeshi ona-28

Nokho okuthatha amehlo ngalo mqeqeshi wayo omusha wukuthi uneminyaka engu-28 kuphela ubudala.

Lokhu kusho ukuthi kungenzeka abe mdala kunabanye babadlali azobe ebaqeqesha kuleli qembu laseBloemfontein. 

Umthombo weLisenethini osondelene nabantu abalethe lo mqeqeshi kuleli uthi yena uzakhele igama kodwa kunezingqinamba ezingase zimphazamise. 

“IMarumo Gallants isimqashile umqeqeshi, angilazi kahle igama lakhe kodwa bathi owaseFrance ngokuzalwa.

“Bathi usemncane – uneminyaka engu-25 noma lapho nje – futhi ubeqeqesha iqembu elinqobe isicoco seligi e-Ivory Coast,” kusho lo mthombo. 

Uma iLisenethini yenza ucwaningo olusheshayo, ithole ukuthi iqembu elinqobe iligi e-Ivory Coast yiStade D’Abijan. 

Umqeqeshi obehola leli qembu lidla lesi sicoco nebala ngowaseFrance, u-Alxandre Laffite futhi uneminyaka engu-28 kuphela ubudala. 

Uqhuba umthombo, uthe into ekhathazayo wukuthi lo mqeqeshi akasazi nhlobo isiNgisi, okuzokwenza ukuxhumana kwakhe nabadlali kube yinkinga enkulu. 

“Ngibona kuwukupheka itshe nje lokhu abakwenzayo, iningi labadlali kwasiNgisi liyasihlanganisa, manje umqeqeshi kwayena ongasizwa uzokwenza njani? 

“Kunethemba lokuthi uzoqashelwa umuntu ozomtolikela, kodwa hhayi sizobona izophela kanjani,” kuqhuba lo mthombo. 

Uthe wona ngokwawo awumboni lo mqeqeshi ezohlala ngaphezu kwezinyanga ezintathu kulo msebenzi wakhe omusha. 

Kuzokhumbuleka ukuthi AmaZulu FC nawo ake amqasha umqeqeshi osemncane, uRomain Folz owayeneminyaka engu-32 ngaleso sikhathi.

Kodwa washeshe wakhululwa ngoba izinto zingahambi kahle kanti kwavela amahebezi okuthi abadlali babengayizwa eyokuqeqeshwa yingane. 

Kodwa ke mhlawumbe uLaffitte njengoba eseke wangoba nesicoco seligi nje kuningi asekufundile ngabadlali base-Afrika.

Obekwenza kube ngconywana nokho, wukuthi e-Ivory Coast bavele basebenzisa ulimi lwaseFrance ngakho beyingekho inkinga yokuxhumana.