
IMamelodi Sundowns ibanjwe ngophondo – Hlungwani
UVictor Hlungwani usole umsizi kanompempe ophike igoli leMamelodi Sundowns emdlalweni la inqobe khona ngo 7-4 ihlula iSiwelele FC.
Ngokusho kwalo mhlaziyi, umsizi kanompempe wenze iphutha elicacile ngesikhathi ephika igoli lesishiyagalombili leSundowns.
Lo mdlalo ugcine uphele ngo 7-4, okuwumphumela ongabanga muhle kangako kwiSundowns ebifuna ukukhava isibalo samagoli.
Leli qembu elibheke ukudla isicoco seBetway Premiership ihlanga lesishiyagalolunye kulandelana lisilele emuva ngamagoli.
Lisembangweni oshubile ne-Orlando Pirates. Nokho iMamelodi Sundowns njengamanje yiyo eqhwakele futhi ishiya iPirates ngamaphuzu amathathu.
Kodwa eziMnyama zisilele ngomdlalo kanti isibalo samagoli sivuna zona.
Yingakho lezi ziqhwaga zaseChloorkop bezibheke ukushaya amagoli amaningi kwiSiwelele.
Kodwa ke elesishiyagalombili lichithwe selisenethini ibhola, umsizi kanompempe wathi bekukhona umkhuba ngalo.
“Bekungaba ngu-8-4 kodwa umdlalo waphela ngo-7-4,” kusho uHlungwani.
“Ngokomthetho, uyabona ukuthi uLethlaku ubengekho endaweni engamfanele, futhi waligoba kahle ibhola lafica uLeon naye engekho endaweni engamfanele.
“Umsizi kanompempe wenze iphutha laphaya – belimele libalwe leli goli.”
IMamelodi Sundowns manje isalelwe umdlalo owodwa la ezohubhana khona neTS Galaxy ngoLwesibili ebusuku.
Idinga ukuphinde inqobe ngemvula yamagoli – noma ke ukuthi iPirates ilahle amaphuzu kule midlalo emibili eyisalele – ukuze inqobe iligi.
